NAKUBA abalandeli beMaritzburg United bedinwe beveva ngenxa yabakubiza ngokushaya udaka kwaleli qembu kodwa bathembisa ukuthi bazoleseka kuze kube sekugcineni.
Leli phephandaba lithole ukuthi ngeSonto ekuseni kutheleke ejimini yaleli qembu iqeqebana labalandeli ebelingeneme ngesimo elibhekene naso.
ITeam of Choice iyivale emsileni kwi-log yeDStv Premiership lapho inamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-27. Ihlukaniswe yiphuzu neqembu elingaphezulu kwayo iChippa United. Iqembu okuzosongwa imidlalo yeligi lihleli kunombolo-16 lizogawulwa yizembe lehlele kwiMotsepe Foundation Championship. Elizoqeda kunombolo-15 lizothola elinye ithuba lokulwela indawo esigabeni esikhulu ngokudlala eyokuhlunga.
Kuvele ukuthi ngemuva kokuzilolonga laba balandeli babe nomhlangano nethimba labaqeqeshi nabadlali. Umthombo uthe abalandeli babatshele emehlweni abadlali ukuthi uyabahlula umsebenzi, yingakho iqembu lilengela engozini yokudliwa izembe.
Uveze ukuthi u-Ali Meza ongomunye wabadlali beTeam of Choice uzame ukubhoka ngolaka ekuphika ukuthi abazimisele.
"U-Ali Meza uthe uma ezama ukubhoka ngolaka abalandeli bambeka endaweni yakhe. Ozakwabo babe sebeyamxolisela. Sengathi uMeza uphinde wathuma uzakwabo uTlolane (uTebogo) ukuthi amxolisele kubalandeli," kubeka umthombo othe umhlangano uphele ngokuthi abalandeli bathandaze ndawonye nabadlali nabaqeqeshi.
Leli phephandaba libuye lathola ukuthi kunabanye abalandeli abahlela ukususa uthuthuva uma iqembu labo like lahluleka ukunqoba kusasa.
I-United izokwamukela iMarumo Gallants eHarry Gwala Stadium ngo-5.15 ntambama. IMarumo engene kowandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup ishaya iPyramid yase-Egypt ibonakala isefomini kulezi zinsuku, yize nayo ibalwa namaqembu angakasindi ezembeni.
EzikaFadlu Davids zizolandela ngeStellenbosch esinqobe emithathu kulandelana. Zizovala nompetha beligi, iMamelodi Sundowns.
UDan dos Santos ongomunye wabalandeli beMaritzburg abahamba phambili ukuqinisekisile ukuthi bayile ejimini yeqembu labo ngeSonto.
"Sibatshelile abadlali nethimba labaqeqeshi ukuthi kasineme ngendlela abadlala ngayo. Sibadonse ngendlebe ukuthi kasifuni iqembu lethu liye ehlathini. Sibazisile ukuthi uma like langanqoba kwiMarumo laphinde ladliwa izembe kukhona okubi okuzokwenzeka. Uma kumele silwe kuzokwenzeka lokho. Ukuthi sizolwa nobani asazi nathi," kubeka uDos Santos obezwakala ukuthi udiniwe.
Nakuba kunjalo lo mlandeli uthe bazoliseka kuze kube sekugcineni iqembu labo.
"Ngicela abalandeli bethu nabantu baKwaZulu-Natal baphume ngobuningi babo ukuzoseka uDavids nabafana bakhe emdlalweni weMarumo. Yigugu lethu sonke leli.“
UThulani Ngubane ongumunye umlandeli bokuqina weTeam of Choice, uthe: "Sibatshelile abadlali ukuthi okubi ukuthi uma iqembu lidliwa izembe bona bazothathwa amanye amaqembu. Kunabantu abafana nabashayeli beqembu, onogada omama abadayisayo, ama-kit manager abazophelelwa umsebenzi. Ngaphezu kwakho konke abantu baseMgungundlovu bazongabi naqembu.“
UNgubane ukhala ngamaphutha abadlali emidlalweni yakamuva. "Angazi noma la maphutha nokutatazela kudalwa isimo esikuso. Okuxakayo ukuthi uDavids unomoya ophansi, ukhuluma kahle nabadlali. Akafani nabadlule abanjengoMuhsim Ertugral no-Ernst Middendorp.“
Isolezwe lithinta uFarouk Kadodia uthe akafuni ukukhuluma nabezindaba, umatasa namalungiselelo omdlalo wangoLwesithathu. Limbuza ngabalandeli abatheleke ejimini nangamahlebezi okususa uthuthuva, ushaye ngamafuphi wathi: "Unamanga lowo okutshele lokho. Abalandeli bafike enkundleni bezogqugquzela abadlali nabaqeqeshi.“