ZIMSHAYISE ngovalo ezinye zezinqumo ezithathwe ngabadlali bakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, bevumela ukubambana ngo-0-0 neChippa United koweDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesibili ebusuku.
Ngemuva kwalo mdlalo, lo mqeqeshi uthe uzenzile akakhalelwa kodwa kukhalelwa uzumekile.
Uthe okumphatha kabi wukuthi abadlali bakhe kabazinikelanga ngokwanele phezu kokuba beye eGqeberha beyazi kahle indlela izitha zabo ebezizodlala ngayo.
"Silahle amaphuzu amabili isidingo singekho. Sithathe izinqumo ezingafanele saphinde sangazinikela ngokuphelele. Size kulo mdlalo sazi kahle ukuthi uGavin (Hunt) uzoyixova indlela yethu yokudlala. Nathi besiyazi indlela azothaka ngayo isikimu sakhe. Besazi ukuthi uzodlalisa abadlali abathathu maphakathi nodonga lwasemuva aphinde avale isikhala sethu phambi kwezitobha zakhe. Sihlulwe ukudlala ibhola elinomjiko, sahluleka nokuphoqa izitha ukuthi zigcine sezibheke emapali azo. Sihluleke sancama ukwakha amaphasi abezokwenza sibe namabhola amaningi ebesizowagoba. Ngiphoxeke kakhulu, emdlalweni ofana nalo ulindela ukuthi abadlali bakho bakhiphe konke abanakho,“ kubalisa uMngqithi.
Uqhube wathi: "Siphinde sabulawa ukuqaphela kakhulu ngoba sisaba ukwenza amaphutha. Bekumele sicindezele ukuze sizodlala ibhola ebelizokwakha amathuba. Kwesinye isikhathi ebholeni kumele ucuphe umgoga. Kodwa-ke uma uzohlale uzivikela, nezitobha zakho ziphasa emuva amabhola angaphezu kweshumi, ngeke usizakale. Besingekho bukhali phambili, sihluleke nokwakha ibhola ebelizosakhela oqekelele.
"Kunezikhathi lapho uLebitso (Thabiso) noHanamub (Riaan) beChippa abebeya phambili isidingo singekho. Uma ungumqeqeshi ubona abadlali bakho behluleka ukujezisa izitha ngala maphutha, kumele ushaywe wuvalo. Bekuke kuphele isikhathi eside singagobi mabhola noHaashin (Domingo) noMothobi Mvala bebefika sekudlule isikhathi ebhokisini.“
Lo mqeqeshi ukholelwa ukuthi ukube uPeter Shalulile ulisebenzise ngokufanele ithuba alithole kusaqala umdlalo, ngabe kukhulunywa okunye.
"Bukuyithuba elilula kakhulu leliya. Ukube lingenile leliya goli, izitha bezizoqala ukutatazela, zishiye izindawo zazo,“ kusho uMngqithi.
Uyichithile eyokuthi kulo mdlalo bashaywe ukungabi qatha kwabadlali bakhe.
"Lesi sikwati sidlale imizuzu ewu-120 sibhekene neKaizer Chiefs. Siyithimba labaqeqeshi sijabule, ngesimo nangenqubekela phambili yabadlali bethu. Yebo, akhona amaqembu abonakala esezicije ngokwanele kodwa ke sigijima umjaho wethu, sizosebenza kanzima kuze kulunge,“ kusho yena.
NgoMgqibelo, amaBrazillians azoqhubeka nokuphendla indlela yokulwa neshobolo lokuhlulwa yiMTN8 uma esebhekene neLamontville Golden Arrows emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu ozoba eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.