ABAQEQESHI ababili baKwaZulu-Natal, abacija amaqembu angaphansi kweMotsepe Foundation Championship, okuyiMarumo Gallants neMaritzburg United, kubukeka bezulelwa ngamanqe uma izinto zingashintshi emidlalweni elandelayo.
IMarumo yaseLimpopo, iqeqeshwa nguPitso Dladla kanti iMaritzburg icijwa nguZipho Dlangalala.
UDladla akayona imfundamakhelwa ekuqeqesheni esigabeni seMotsepe Championship, phambilini uqeqeshe uThongathi FC, neRichards Bay FC ayikhuphulele esigabeni seDStv Premiership ngesizini ka-2021/22.
Kanti akalona ivukana uDlangalala ngoba ubekwi-University of Pretoria edlala kuso isigaba seMotsepe Championship.
Womabili amaqembu agawulwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule, alahlekelwa yinqwaba yabadlali abanamava. Ngakho isimo sehlukile ngoba iMaritzburg kufana nokuthi yakhiwa kabusha njengoba kule sizini iphethe iningi labadlali abangenawo amava okudlala esigabeni esikhokhelayo.
Ngakolunye uhlangothi iMarumo ikwazile ukuqinisa isikwati sayo ngokusayinisa abadlali abanamava ngaphambi kokuqala kwesizini.
Phakathi kwabo kubalwa unozinti uKing Ndlovu osuka kwiMaritzburg, uSaziso Magawana osuka kwiLamontville Golden Arrows, uTshepo Chaine oke wadlala kwiTS Galaxy noThongathi, u-Itumeleng Shopane oke wadlala kwiMoroka Swallows nePretoria Callies.
Ibe isigcina abadlali abebevele bekhona ngesizini edlule, okunguSibusiso Kumalo, uMonde Mphambaniso no-Edgar Manaka.
IMarumo esanqobe imidlalo emibili kuphela kwengu-10 esayidlalile, isishawe kathathu, yadlala ngokulingana kahlanu. Emidlalweni emine yakamuva ibuye namaphuzu amabili kuphela idlala ngokulingana, yabe isishawa kabili okubalwa nokweMagesi FC ngo 2-0 ngoLwesibili.
Ngokuthola komthombo osondolene neMarumo, umqeqeshi weqembu uDladla usehlezi ngesinqe esisodwa ngoba kuthiwa abaphathi beqembu sebeqala ukushaya amakhala ngokugqoza kwemiphumela.
Ngakolunye uhlangothi, yize iMaritzburg isendaweni engcono kwi-log njengoba ikweyesihlanu kodwa imiphumela yakamuva kuvela ukuthi isiqalile ukubashayisa amakhala abanye abalandeli beqembu Lokhu kungase kuqongise ingcindezi engenza nabaphathi beqembu bashintshe ukucabanga yize bemethemba umqeqeshi.
Emidlalweni emithathu yakamuva iTeam of Choice ibuye nephuzu elilodwa, idlale ngokulingana, yashawa kabili imidlalo ilandelana ihlulwa yi-JDR Stars neBlack Leopards ngo 1-0 ngoLwesibili.
Le miphumela yakamuva yiyo eyenze umqeqeshi weqembu uDlangalala, washweleza kubalandeli enxusa ukuba babekezele.
“Engikucelayo wukuthi abalandeli banginike ithuba lokwakha leli qembu. Uma sonke sifuna ukulibona libuyela esigabeni esikhulu kuzomele sibambisane siphinde silekelelane. Ngeke sikwazi ukukwenza ngaphandle kosizo lwabo,” usho kanje uDlangalala ekuqaleni kwesonto engxoxweni yakhe neSolezwe.
ITeam of Choice inomdlalo omqoka ekhaya namuhla Novemba 4, ngo-7.30 ebusuku lapho izotholana phezulu ne-Orbit College, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
I-Orbit College engomakoti kulesi sigaba ikhombisa ukuba yiqembu elizoba yingozi kule sizini njengoba kuyiyona esaqhwakele phezulu kwi-log.
Kanti iBahlabana Ba Ntwa izotholana phezulu ne-University of Pretoria, e-Isak Steyl Stadium, eVanderbiljpark, namuhla ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla:
Ngo-3.30pm:
Casric Stars v Upington City (Giyani Stadium); Baroka FC v Hungry Lions (Global Stadium); Marumo Gallants v University of Pretoria (Isak Steyl Stadium); Venda FC v Magesi FC (Malamulele Stadium); Maritzburg United v Orbit College (Sugar Ray Xulu Stadium)
Kusasa:
Ngo-3.30pm:
Milford FC v JDR Stars (Chatsworth Stadium); Pretoria Callies v NB La Masia (TUT Stadium)