IPHINI lomqeqeshi kwiSummerfield Dynamos, uMafa Zuma, uthi babone kunesidingo sokuthi balikhulule iningi labadlali aselikhulile eqenjini bathole abasebancane ngenhloso yokwakha iqembu eliqinile elizolwela ukunqoba isicoco seSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League nakuzwelonke.
IDynamos ibe ngompetha besifundazwe beSafa KZN ABC Motsepe League ngesizini edlule yayomela isifundazwe kumaPlay-Off kazwelonke, ukulwela ukukhushulelwa kwiMotsepe Foundation Championship.
Nokho, sekuwumlando ukuthi leli qembu laphuma inqina kaMabuyaze kule midlalo njengoba kwagcina kuphumelele i-NB La Masia yaseGauteng, neMagesi FC yaseLimpopo ukukhushulelwa kweseMotsepe Foundation Championship.
Emuva kwemidlalo yokuhlunga abaphathi beDynamos efinyelele kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngesizini edlule, bamgcinile umqeqeshi uClinton Larsen nephini lakhe uZuma.
IDynamos eqale imidlalo yakule sizini ngokudlala ngokulingana ngo 0-0 neHappy Wanderers, namuhla izotholana phezulu neMtuba All Stars, KwaMsane Sports Ground, eMtuba, ngo-3 ntambama.
“Sibone kunesidingo sokuthi silikhulule iningi labadlali eselikhulile. Inhloso kube ukuba sithole abasebancane abasavunwa yiminyaka nabasalambele impumelelo nokuzakhela igama ebholeni, abazokwazi ukusa iqembu phambili.
Njengamanje singacishe sifaniswe neqembu elakhiwa kabusha kodwa futhi elizimisele ngokulwela ukunqoba ngoba ngaso sonke isikhathi lapha kwiSummerfield kuhlale kunengcindezi yokwenza kahle kuwo wonke amasizini,” kusho uZuma.
Lo mqeqeshi ukuqinisekisile ukuth iqembu liqinise isikwati salo ngabanye abadlali abambalwa abanamava okudlala kwiPremier Soccer League (PSL), okubalwa kubona uSiphelele Magubane, uBoysen Mbatha, uDylan Goss, noSbo Ngcobo.
UMagubane uke waba semabhukwini AmaZulu FC neRichards Bay FC, kanti uMbatha naye uke waba semabhukwini AmaZulu nePolokwane City.
“Asiqalanga ngendlela ebesizimisele ngayo ngenkathi sidlala ngokulingana neHappy Wanderers. Ngakho-ke sizimisele kakhulu ngokubuya namaphuzu aphelele kulo mdlalo wasekuhambeni esiyowudlala neMtuba All Stars.”
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
Namuhla:
KwiStream A:
Mtuba All Stars v Summerfield Dynamos (KwaMsane, 3pm); Ethekwini Coastal v Drakensberg FC (SJ Smith, 12pm); Mkhumbane Classic v Happy Wanderers (SJ Smith, 3pm); Mkhakhwini Classic v Njampela FC (Melmoth Rugby Club, 3pm); Asande FC v Muzi King Masters (Sankombe Stadium, 3pm).
KwiStream B:
XI Experience v GWP Friends (Umkomaas Bisset Grounds, 3pm); Durban Pioneers v Umsinga United (King Zwelithini Stadium, 3pm); UMkhambathi FC v Umvoti FC (Mpumalanga Stadium, 3pm); Midlands Wanderers v Newcastle All Stars (Harry Gwala Stadium, 1pm).