UNXUSE abalandeli ukuba bamuphe isikhashana sokuzinza eqenjini ukuze libuyele endaweni efanele umqeqeshi wakuleli uPitso Mosimane, osecija iqembu lase-Iran, i-Esteghlal FC.
UMosimane owake waqeqesha kwiSuperSport United, Mamelodi Sundowns nelesizwe iBafana Bafana, uqashwe i-Esteghlal egijima kwiPersian Gulf Pro League ngenyanga edlule.
Ubesehlabe ikhefu elide selokhu ahlukana neqembu laseSaudi Arabia, i-Abha Club, ekupheleni kwesizini edlule.
Amanye amaqembu angaphandle aseke aqeqeshwa uMosimane, i-Al Ahly yase-Egypt, Al Ahli yase-Saudi Arabia ne-Al Wahda yase-United Arab Emirates.
Selokhu ethathe izintambo i-Esteghlal, isishaywe imidlalo emithathu ilandelana. Ishaywe yiKheybar ngo 3-1 neTractor ngo 2-0 kwiligi, yaqunjwa phansi yi-Al Hilal ngo 3-0 kwi-AFC Champions League.
UMosimane unethemba lokuthi ezakhe zisazokhuphuka kwi-log lapho zihlezi endaweni ka-14 ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni yesishiyagalolunye.
“Angikhathazekile ngokuthi ngizoyisiza yini i-Esteghlal. Nginesiqiniseko sokuthi izobuyela endaweni yayo. Esikudingayo yisikhathi. Njengoba sesizibonile izinkinga ezithile, siyazi ukuthi sidinga ukuthola abadlali abazoshaya amagoli,” uMosimane ecashunwa yi-website iVarsesh.com ekhuluma esithangamini nabezindaba.
“Asisitholanga isikhathi esanele sokwenza izinguquko. Ukulandelana kwemidlalo eduze akusivumeli ukuthi sishintshe okuningi. Nginethemba elikhulu ngekusasa leqembu futhi ngikholwa wukuthi ngokubambisana singalibuyisela phezulu.”
Ubale ukulimala kwezethenjwa ezifana noMerhdad Mohammadi, Ramin Rezaeian, Abolfazl Jalali njengenye yezinto eziphazamise iqembu.
“Kumele samukele iqiniso, abadlali bethu abathathu ababalulekile balimele. Sisebenzise abadlali abasebancane sibhekene neqembu elikhulu njenge-Al Hilal kodwa badlale kahle. Njengomqeqeshi kumele uthole indlela uma kukhona abadlali abangekho,” uqhube kanje uMosimane.
“Siye emdlalweni ne-Al Hilal sisazilolonge amahlandla amahlanu kuphela ndawonye. Iqembu likhombise ukuthuthuka kulesi sikhathi esincane esisasihlale ndawonye. Mukhulu umehluko ozobonakala uma sesidlala ngesikwati sethu esiqine ngokuphelele. Angikhonondi ngoba bengizazi izinkinga iqembu elibhekene nazo ngaphambi kokuba ngithathe izintambo.”
UMosimane uzobe ebheke ukucosha amaphuzu akhe okuqala kwiGulf Pro League uma ezakhe sezidudulana neMef Rafsanjan kusasa ngo-5 ntambama.