NGEKE kusebenze ukuthi yiliphi iqembu elisefomini emdlalweni wamanqamu weMTN 8, ophakathi kweMamelodi Sundowns. ne-Orlando Pirates. Lokhu kungenxa yokuthi abadlali bawo womabili amaqembu bazolwela ukufela enkundleni.
Lona ngumbono kaTyren Arendse, oyinxusa leMTN 8, owayengumgadli wePirates eminyakeni edlule. Ubexoxa neSolezwe Ngempelasonto ngoLwesihlanu, ngaphambi komdlalo wamanqamu obhekwe ngabomvu phakathi kwalezi zingqungqulu, ezizogadulisana namhlanje ngo-6 ebusuku, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Kuzoba ngumdlalo womanqamu osezingeni eliphezulu, nonzima nengikholwa wukuthi uzoshiya abalandeli nabathandi bebhola bebheme bakholwa.
“Yebo, njengamanje iPirates ayikho efomini enhle, emidlalweni emine edlule yehlulwe kabili, uma kuqhathaniswa neSundowns esefomini, kodwa emdlalweni walolu hlobo akuyi ngokuthi yiliphi iqembu elisefomini. Abadlali bawo womabili amaqembu bayakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo, bazolwela ukufa nokuphila,” kusho u-Arendse.
UJosta Dladla, owadlala kwiSundowns eminyakeni edlule, uthi ubona kulo mdlalo kuzosebenza kakhulu amaqhinga abaqeqeshi beSundowns, uRhulani Mokwena, noManqoba Mngqithi.
“Yize iSundonws kuyiyo ebhekwe kakhulu kulo mdlalo ngenxa yefomu yayo kodwa siyazi ukuthi abalandeli bePirates baleseka kanjani iqembu labo uma lidlala kahle. Ngakho ukuba khona kwabo ngobuningi enkundleni kulo mdlalo kungawenza umehluko ngasohlangothini lokukhuthaza abadlali bayo.
“I-Pirates iyiqembu eselike lanqoba izicoco muva nje, ngakho abalandeli bayo balindele okufanayo kuyo kulo mdlalo, nokuzokwenza umdlalo ube ngosezingeni eliphezulu.
“Nokho, ngikholwa wukuthi amaqhinga nobuchule babaqeqeshi beSundowns uRhulani (Mokwena) noMngqithi (Manqoba), buzophinde bubonakale kulo mdlalo.
“Baneqembu eliqinile abangalidlalisa nakunoma yimuphi umdlalo lingene enkundleni lenze umsebenzi, ekubeni ngapha iPirates ishoda ngomuntu ongayishayela amagoli.
“ULepasa (Zakhele) emidlalweni embalwa edlule yakamuva akakwazanga ukuyishayela amagoli ewadingayo, kanti noSaleng (Monnapule) naye akakabi kule fomi abekuyona ngesizini edlule selokhu kuqale le sizini,” kusho uDladla.
EZimnyama okuyizona ezivikela isicoco seMTN 8, ezisinqobe ngesizini edlule ziguqisa AmaZulu FC, zifinyelele kowamanqamu ngokushaya iStellenbosch FC kowandulela owamanqamu. Kanti amaSandawane aguqisa iKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu.