KUSINDA kuyehlela emaqenjini amahlanu eDStv Premiership asengcupheni yokugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini uma engabhukuli emidlalweni ewasalele ngaphambi kokuthi kusongwe iligi.
Ngokwe-log acinene ngendlela eyisimanga amaphuzu okushiyana ngawo la maqembu.
AmaZulu ahlezi kweyesi-12 ngamaphuzu awu-29, ahlukaniswe ngamane neMaritzburg United esemsileni enawu-25. Kweyesi-15, kuneChippa United ngawu-26 bese iSwallows esendaweni yesi-14, ibe nawu-28. Wonke la maqembu asalelwe yimidlalo emine. Kweyesi-13, iMarumo Gallants nayo inawu-28 emidlalweni ewu-27.
Kubukeka kungekuhle neze kwawaKwaZulu-Natal (KZN) njengoba neRichards Bay ekweyeshumi ngawu-32 ingazithola ivika izembe uma ingashintshi ukwenza. Okunzima kakhulu ukuthi namuhla idlala nompetha beligi iMamelodi Sundowns ekuhambeni.
Sekuphele imidlalo ewu-11 kulandelana iBay ihluleka ukunqoba. Ngempelasonto edlule, igcine yabelane ngephuzu neTeam of Choice.
Ngempelasonto, uSuthu lushaywe yiSuperSport United nokuyikhona okuyifake enkingeni.
Ngesikhathi iBay inyukela kwiDStv Premiership kube kukhulu ukujabula njengoba bekusho ukuthi iKZN seyinamaqembu amahlanu kulesi sigaba.
Abaphathi nabalandeli bala maqembu bonge enkulu imali yokuhambela imidlalo engaphandle kwesifundazwe.
Kwagcina ngoSuthu ngesizini ka-2014/15, ukuthi kube neqembu elidliwa yizembe eKZN.
UGordon Igesund onqobe isicoco seligi neManning Rangers, Orlando Pirates, Santos neSundowns, utshele Isolezwe ukuthi ngokubuka kwakhe, amanye ala maqembu amahlanu asemsileni ashaywe ukushintshashintsha abaqeqeshi.
"Ukukhuluma iqiniso womahlanu la maqembu adlala kahle, ashaywa izinto ezincane. Lokhu kudalwa ukuthi umqeqeshi ngamunye ufika nendlela yakhe yokudlala. Kuthatha isikhathi ukuthi abadlali bayiqonde," kubeka u-Igesund ohluleke wancama ukusindisa iHighlands Park ezembeni kwisizini ka-2016/17.
Uthe okweBay kuhlukile ngoba ibonakala ukushaywa ukungabi naso isipiliyoni sokudlala esigabeni esesikhulu. Leli qembu linqobe iMotsepe Foundation Championship, lafika layiqala kahle iPremiership emzuliswaneni wokuqala njengoba sekuxega amabhawodi kowesibili.
Ululeke la maqembu ukuthi angatatazeli kodwa aqhamuke nohlelo lokuqoqa amaphuzu emidlalweni esele.
"Uma sekunjena akutatazelwa, kudwetshwa uhlelo lokusebenza. Kungaba ukuthi kule midlalo emine amaqembu ashaye izibalo zemidlalo okumele ayinqobe noma kanjani nazodlala kuyo ngokulingana.“
Ngokubona kuka-Igesund, umphumela womdlalo weMaritzburg neSwallows ozoba ngoLwesine ungase ucacise okuningi ngezembe.
"Akukho okunye, iMaritzburg kumele inqobe. Uma inqoba izoba namaphuzu awu-28 bese kushoveleka phansi iChippa mhlawumbe nayo iSwallows. Uma ivumela iSwallows ukuthi inqobe izozifaka kwenkulu inkinga. Empeleni izogaxelisa nomkhaya bayo AmaZulu. NeBay ingaba sengozini. Uma inganqoba iSwallows ingaba namaphuzu awu-31," kubeka u-Igesund.
Ngemuva komdlalo weSwallows, iMaritzburg izosala neGallants neStellies, eHarry Gwala Stadium noweSundowns ekuhambeni.
Uhluleke ukuzibamba wase ebabaza u-Igesund ebuzwa uvo lwakhe ngesalele uSuthu.
"Mmm! Kuzoba nzima ukudlula kwiSekhukhune, Sundowns, Arrows nakwiPirates. Kuzomele luzame okungenani ukudlala ngokulingana kwemithathu, lunqobe owodwa. Okuhle ukuthi kuyo yonke luzobe ludlalela ekhaya, eThekwini,“ kusho u-Igesund.
Ngemuva kowangoLwesine, Izinyoni zizodlala noweChiefs, Royal AM noweMarumo.
IChippa isalelwe yiChiefs, Bay, TS Galaxy nowe-Arrows.
IGallants ihlalelwe oweMaritzburg, Sundowns noweSwallows.
Uma iBay iqeda ukudlala neSundowns izolandela ngeChippa, Cape Town City noweRoyaI AM.