IKAIZER Chiefs ingena ezintangeni ngomgadli olimele, uCaleb Bimenyimana, okusabalale imibiko yokuthi angase abuyele enkundleni emuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba ngoDisemba.
UBimenyimana waseBurundi, osephenduke ithemba labalandeli beChiefs, ulimale ethangeni ngesonto eledlule ngesikhathi leli qembu libhekene neChippa United emdlalweni weligi eThekwini. Kusabalale imibiko yokuthi uyoze alungele ukudlala ngoDisemba emuva kweNdebe yoMhlaba ezoba seQatar. Lo mdlali ubengekho ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana neTS Galaxy ngoLwesithathu ebusuku. Ngaphakathi kwiChiefs bayichithile eyokuthi uBimenyimana uzohlala isikhathi eside engadlali kodwa akekho okhiphe impendulo eqondile.
Esithangamini nabezindaba izolo, umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, uthe nabo abakazi ukuthi lo mgadli uzobuya nini.
"Ngicabanga ukuthi sizothola umbiko kadokotela kusasa (namuhla) ngoba namuhla asisebenzi. Angazi ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani engadlali. Engikwaziyo wukuthi unenkinga anayo kodwa sisalinde umbiko kadokotela," kusho uZwane.
Uma kuyiqiniso ukuthi uBimenyimana uyoze abuye ngoDisemba, iChiefs kuzofanele ithembele kwabanye abagadli ukuthi bayiweze kowamanqamu weMTN8. NgeSonto Amakhosi azogadulisana naMaZulu emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu weWafa Wafa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3.30 ntambama.
Kowomlenze wokuqala eFNB Stadium, la maqembu adlale ngokulingana ngo-1-1. Lokhu kusho ukuthi izinto zivuna Usuthu kwazise lushaye igoli ekuhambeni. Kulokhu uZwane uzobhekana noSuthu oluhlukile kwazise selushintshe umqeqeshi nendlela yokudlala. Kowomlenze wokuqala beluqeqeshwa nguBrandon Truter, indawo yakhe esithathwe nguRomain Folz.
"Kowomlenze wokuqala besinethuba lokwenza isiqiniseko sokuthi siya kowomlenze wesibili sihamba phambili ngamagoli amabili noma amathathu kodwa akwenzekanga, asiwaqedelanga amathuba esiwakhile. Manje yithina esisesimeni esibi ngenxa yegoli lasekuhambeni. Kodwa kungenzeka noma yini. Yibhola leli," kusho uZwane.
"Akukhathalekile ukuthi sishaya igoli ekuqaleni kwesiwombe sokuqala noma ekupheleni kwesesibili. Okubalulekile kithina wukuqala umdlalo ngegiya eliphezulu uma sifuna ukudlulela kowamanqamu."