UKUSHINTSHA abaqeqeshi kawu-26 ngokuhlanganyela kwamaqembu adlala kwiDStv Premiership kule sizini, kuyinika irekhodi elimbi emlandweni wePremier Soccer League (PSL), isizini ka-2022/2023.
Emaqenjini angu-16 ayibamba kwiPremiership, ayisikhombisa kuphela abengakaziphazamisi izinhlaka zawo zokuqeqesha.
Lawo yiLamontville Golden Arrows ecijwa nguMabhuti Khenyeza noVusumuzi Vilakazi; yiStellenbosch FC esezandleni zikaSteve Barker, eyafika naye kulesi sigaba; yiCape Town City eqale isizini no-Eric Tinkler oseyoqeda isizini yesibili eyibambile; yiTS Galaxy esahamba noSead Ramovic emqashe ngesizini eyedlule; yi-Orlando Pirates eqale isizini ngoJose Riveiro waseSpain; yiSuperSport United ebuyise uGavin Hunt ekuqaleni kwesizini; neKaizer Chiefs ehamba phambili ngokukhuphula abadlali abasebancane ngaphansi kuka-Arthur Zwane, eqale naye isizini.
Lokhu kushiya isibalo esiwu-26 (uma kubalwa nalabo okuqalwe ngabo isizini) emaqenjini ayisishiyagalolunye kuphela nokuyirekhodi elikhomba ukujula kwesihlava.
Eqhulwini lalawa maqembu, nesalukazi besingaqagela ukuthi kuhlale kuyiChippa United, ehamba phambili njengoba inezinguquko ezinhlanu.
IChilli Boys iqale isizini ngoDaine Klate. Ivale isikhala sakhe ngoMorgan Mammila, nolandelwe wukubuyiswa kukaKurt Lentjies. Ubuyiselwe kubafana abasebancane uLentjies, kwabanjiswa uSiyabulela Gwambi, njengoba sekubuyiswa uLehlogonolo Seema.
UKlate, Mammila noGwambi bebeqala ukuhola ibhentshi.
EzikaChippa Mpengesi zilandelwa yiSwallows FC, eqale isizini kuhleli uMusa Nyatama, ebambele uDylan Kerr obenenkinga yamaphepha okusebenza kuleli.
Nebala ugcine efikile uKerr kodwa akangahlala, indawo yakhe yathathwa ngu-Ernst Middendorp, ophinde wasuka washiya uNyatama. Ubeqala noNyatama ukuhola ibhentshi.
Abasabambene ngezinguquko ezintathu ngokwehlukana; ngaMaZulu FC, Marumo Gallants neRoyal AM. Usuthu luqale isizini ngoBrandon Truter, ohambe kwaqashwa uRomain Folz, njengoba sekubambe u-Ayanda Dlamini oshaya ibuya.
UFolz, obengumqeqeshi osemncane ukubedlula bonke kule sizini, akaxoshiwe kuSuthu kodwa ushenxiselwe kwesomqondisi wamaqhinga nomeluleki kasihlalo weqembu.
IGallants ibiqale ngaye uFolz, etheleka okokuqala kuleli esuka eBotswana. Imxoshile yaqasha uDan Malesela, emnike ikhefu ngenkani ngesikhathi isiqasha uRaymond Mdaka.
I-AM iqale ngonyawo olungenisile kulezi zinsuku, lokuqeqesha ngokubambisana kukaMalesela noKhabo Zondo. Uhambile uMalesela kwasala kungaqondakali ngoZondo, kusabambe u-Abram Nteo. Isuke lapho yabuyisa uJohn Maduka.
Mane abambene ekushintsheni kabili ngokwehlukana. Lawo, ngompetha beligi iMamelodi Sundowns, baqale isizini “ngobumbano” obeluholwa nguManqoba Mngqithi (uma uyifunda ivaliwe). Bashintshe unyawo sebenika uRhulani Mokwena, amandla aphelele okuhola iqembu elekelwa nguSteve Komphela naye-ke uMngqithi.
IMaritzburg emuka nomsinga, iqale noMaduka kodwa kwahamba yabuyisa uFadlu Davids. ISekhukhune United, eqale isizini noKaitano Tembo, isikhala sakhe sivalwe ngoTruter.
Kuvala iRichards Bay, eqale ngethimba ebeliholwa nguPitso Dladla (uma uyifunda ivaliwe) kodwa manje sekunikezwe abebambisene naye, uVasil Manousakis, ubuholi bebhentshi.
Umbuzo uthi kule midlalo emithathu esele yibaphi abazosala bezisola nabazozincoma ngezinqumo abazithathile maphakathi nemidlalo yeDStv Premiership?