KUZOLWELWA isithunzi nokubusa isifundazwe emdlalweni wokuqala womkhaya baKwaZulu-Natal weHollywoodbets Super League, ophakathi kweDurban Ladies neRoyal AM Ladies.
Umdlalo useSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini ngoMgqibelo ngo-1 emini.
Yiwo womabili kuphela la maqembu amele i-KZN kwiSuper League kanti okuzoshubisa kakhulu umbango wukuthi:
– Ahlangana okokuqala kusukela iRoyal AM ibhaliswe ngaleli gama ngokusemthethweni nanjengeqembu laKwaZulu-Natal.
– Ahlangana nje ayalingana ngamaphuzu angu-15 kwi-log kwazise abelethene endaweni yesikhombisa neyesishiyagalombili.
I-DBN Ladies iphezulu ngomehluko wegoli elilodwa. USiphephelo Makhanya, umqeqeshi we-DBN Ladies, uzwakale njengomuntu okuqonda kahle ukubaluleka kokuthi ezakhe zinqobe ukukhombisa ubudala bazo njengeqembu.
“Ziningi impela izinto ezenza umdlalo wethu uhehe, akugcini ngokuba ngowomkhaya kodwa nesimo sethu sobabili kwi-log siyanezezela,” kusho uMakhanya.
“Nokho-ke, lokho akusikho okwethu (esho abaqeqeshi nabadlali). Thina sizobhekana nesimo sethu. Ngumdlalo wethu ka-10 nokusho ukuthi kolandelayo sizobe sesiqala elinye iqoqo lemidlalo emihlanu.
“Sinezigaba esizibekele ukufinyelela kuzo ngokwehlukanisa imidlalo yethu ngamaqoqo emidlalo emihlanu ngalinye.”
Ngaphezu kwalokho, mhlawumbe okuzotshekisela ingcindezi ngakwi-DBN Ladies, ngaphandle kokuthi idlalela ekhaya, kungaba yisithunzi sokuvikela umlando weqembu.
“Uma sikhuluma ngeDurban Ladies, sikhuluma ngeqembu elineminyaka engaphezu kuka-30 ngakho kufanele sonke sikuqonde ukuthi sinejoka lokulwela isithunzi seqembu. Sinejoka lokuvikela umsizilo waleli gama,” kusho uMakhanya.
Eminye imidlalo yeSuper League
NgoMgqibelo ngo-3pm:
Ma-Indies v City Lads; JVW v Sundowns; Coal City Wizards v TUT Football; UWC v University of Pretoria.
NgeSonto: Copper Belts v Thunderbirds Ladies ngo-11.30am; First Touch Academy v Richmond United ngo-3pm; TSG Queens v University of JHB ngo-3pm.