MANINGI amaqembu aqeqeshwa ngabantu abazalelwe emazweni awo agadulisana kuma-European Championship, aqale ngesonto eledlule eGermany.
Emaqenjini angu-24 ayingxenye yomqhudelwano ayisishiyagalombili aphekwa ngabaqeqeshi bangaphandle, okuyiHungary, Albania, Austria, Belgium, Slovakia, Turkey, Georgia nePortugal.
Phakathi kwabaqeqeshi abapikiwe, abane badabuka e-Italy,, abanye beqhamuka eBrazil, Germany, France naseSpain.
Kwi-Africa Cup of Nations eyayise-Ivory Coast nonyaka amaqembu ayehlukene phakathi ngoba angu-12 ayethembele kubaqeqeshi basekhaya, amanye angu-12 ezinike abangaphandle izintambo.
Akumangazi ukubona izibalo kuma-Euro ngoba umqeqeshi wangaphandle useke wawunqoba kanye kuphela umqhudelwano selokhu wasungulwa ngo-1960.
Lokho kwenzeka ngesikhathi umqeqeshi waseGermany, u-Ooto Rehhagel, edla isicoco eGreece ngo-2004, ePortugal.
Phakathi kwabaqeqeshi abakhona nonyaka abangase bazifake emlandweni kukhona uRoberto Martinez waseSpain, oqeqesha iPortugal, noDomenico Tedesco wase-Italy, ocija iBelgium.
UMartinez ujoyine uhlu olukhethekile lwabaqeqeshi asebeke bangena kuma-Euro, behola amazwe ehlukene. Waqala ngeBelgium kowa-2020, njengoba esebuye nePortugal.
Sebebonke bayisithupha asebekwazi ukwenza lokhu, kubalwa uDick Advocaat (Netherlands 2004, Russia 2012), Guus Hiddink (Netherlands 1996, Russia 2008), Giovanni Trapattoni (Italy 2004, Republic of Ireland 2012) nabanye.
Umqeqeshi omncane kunabo bonke ukunqoba umqhudelwano uJose Villalonga waseSpain, owadla isicoco nezwe lakhe ngo-1964 eneminyaka engu-44.
Irekhodi lakhe lisengcupheni ngoba oqeqesha iGermany kulama-Euro, uJulian Nagelsmann, uneminyaka engu-36, kanti uTedesco unengu-38.
UNagelsmann useqophe irekhodi elisha lokuba ngumqeqeshi omncane kulo mqhudelwano kanti omdala owake waba yingxenye yawo nguGiovanni Trapattoni wase-Italy, owahola i-Ireland eneminyaka engu-73.
Okwamanje akekho umqeqeshi owake wadla isicoco se-Euro kabili. Babili asebeke banqoba i-Euro neNdebe yoMhlaba. UHelmut Schön, wanqoba i-Euro neGermany ngo-1972, wathatha iNdebe yoMhlaba nezwe elifanayo ngo-1974.
Osanda kugcina ukwenza lokhu ngumqeqeshi waseSpain, uVicente del Bosque, owanqoba nezwe iNdebe yoMhlaba ngo-2010, wathatha ne-Euro ngo-2012.
UDidier Deschamps waseFrance, usethubeni lokubajoyina ngoba wayithatha iNdebe yoMhlaba nezwe lakhe ngo-2018.