OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uvikela isinqumo sabo sokusayinisa uTerrence Mashego abamlande kwiCape Town City.
Lo mdlali oyibamba ohlangothini lwesokunxele emuva utheleke eChloorkop emuva kwesikhathi eside kunemibiko yokuthi angase asayine kuyona.
Ugcine esayine inkontileka yeminyaka emihlanu.
Ngempelasonto edlule ubonakale okokuqala ngesikhathi iqembu lakhe elisha, iSundowns lishaya ngo 1-0 ngemizuzu yokugcina AmaZulu koweDStv Premieship obuseLoftus Versfeld Stadium.
Lapha ungene ngesiwombe sesibili nakhona umdlalo usuzophela.
Kwabezindaba uMokwena uveze ukuthi uMashego oyibamba nakwiBafana Bafana ujime usuku olulodwa njengoba ebonakale kowaMaZulu.
Esithangamini nabezindaba, lo mqeqeshi ubuzwe ukuthi njengoba bethathe isinqumo sokusayinisa uMashego, bebengekho yini abadlali abasezinkuliseni zabo abebengabanyusela eqenjini elikhulu.
"Sinabadlali abaningi abasezinkuliseni zethu ezincane. Kwiligi esidlala kuyo kudingeka abadlai bezinga eliphezulu. Phela noma sinyusa abadlali kumele siqaphele. Isipiliyoni kasithengwa. UMashego umdlali wezinga eliphezulu. Ukufika kwakhe eqenjini kuzokwenza omkhulu umehluko," kubeka uMokwena.
Endaweni ayidlalayo uMashego ijezi uzolibanga no-Aubrey Modiba noSifiso Ngobeni. ULyle Lakay kuvela ukuthi angase ajoyine iCape Town City. ULakay uqokwe njengomdlali wasemuva ovelele kwiPremier Soccer League ngesizini edlule.
“Nakuba enesipiliyoni uMashego kodwa kumele alwele ijezi. Lapha kwiSundowns izinga labadlali liphezulu ngendlela eyisimanga, umuntu ijezi ulithola ngenxa yokusebenza kanzima. NoMashego silindele ukuthi kwiSundowns aqhubeke nokusebenza kanzima. Kuyathokozisa ukuthi ujime nathi usuku olulodwa kodwa wakwazi ukudlala kahle emdlalweni wakhe wokuqala,” kusho uMokwena.
Abanye abadlali abasayiniswe iSundowns njengoba kuvulwe iwindi elivalwa ngoLwesine ebusuku, uRonwen Williams, Sipho Mbule, Abubeker Nasir, Marcelo Allende oshaye igoli elinqobise iSundowns kowaMaZulu noBongani Zungu.
UMashego ungomunye wabadlali ababizwe umqeqeshi weBafana eqenjini lesizwe elizobhekana neSiera Leone neBotswana. Uqokwa nje usanda kubuya ekulimaleni obekumhlalise isikhathi eside engadlali. Imidlalo yeBafana ingoSepthemba 24 no-27 eFNB Stadium.
UMokwena ephawula ngomdlalo wezabo noSuthu, uthe: “Kumele AmaZulu azisole wona ngokudliwa kulo mdlalo. Ajwayele ukudlala uhlobo lwe-4-3-3 kodwa kithina avele asishintshela, ahlala emuva. Kusicacele zisuka ukuthi aze emdlalweni wethu efuna iphuzu, hhayi amathathu. Ngokwami ngabe siwunqobile lo mdlalo ukuba siwasebenzise kahle amathuba. Ngithanda ukubonga kakhulu kwithimba leSundowns ngokuzimisela kulo mdlalo."
Nakuba iSundowns inqobile kowoSuthu kodwa uMokwena uzwakalise ukungagculiseki ngendlela abadlale ngayo.
"Isizini isephansi, kuningi okumele sikulungise. Kuhle ngoba kuza ikhefu leFifa, sizokwazi ukulungisa amaphutha engicabanga ukuthi asenzele phansi emidlalweni yethu edlule," kusho lo mqeqeshi.
Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu eMTN 8, ngo-Okthoba 1.