UKUHLULEKA ukungena kuma-Olympic ayeseTokyo, eJapan, ngo-2021, ngenye yezinto ezigqugquzela iqembu lesizwe lebhola labesifazane lakuleli ukuthi lizimisele ngokweqile uma selibhekene neTanzania kweyokuhlungela le midlalo.
Ama-Olympic azoba seParis, eFrance ngoJulayi. IBanyana izodudulana neTwiga Stars, e-Azam Complex Stadium, e-Dar es Salaam, kusasa ngo-3 ntambama.
Umdlali welakuleli, uThalea Smidt, uthe kumqoka ukuya eFrance ngemuva kokuhluleka wukuzibekisela indawo emidlalweni edlule.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Iqembu lakuleli lazibekisela indawo okokuqala kuma-Olympic ayeseLondon, e-England ngo-2012, labuyela kwalandelayo ayese-Rio, eBrazil ngo-2016.
Ngesikhathi sekuhlungelwa awaseTokyo, lakhishwa yiBotswana sekukhahlelwa amaphenathi emzuliswaneni wesibili. Nakuba uSmidt wayengekho eqenjini likaDesiree Ellis ngaleso sikhathi, uthe bonke abadlali abakhona manje balangazelela ukuba yingxenye yalo mqhudelwano.
“Kumnandi ukubuyela ekhempini nokuba sendaweni eyodwa nozakwethu. Ngicabanga ukuthi sizilungiselele kahle futhi siyakwazi ukubaluleka komdlalo. Siyazi ukuthi kusewumzuliswano wesithathu wokuhlunga, asibhekile okusazolandela. Singathanda ukungena kuma-Olympic njengoba saphuthelwa kuma-Olympic adlule,” ubeke kanje uSmidt exoxa nethimba labezindaba leSafa.
“Sigxile kakhulu kulo mdlalo neTanzania. Kufanele sizimisele emlenzeni wokuqala esizowudlala ekuhambeni eTanzania bese sidlulela kwesizowudlala ekhaya. Kufanele senze konke okusemandleni ethu ukuthi sinqobe.”
USmidt, ogijima kwi-University of Pretoria kwiligi ephezulu yakuleli, iHollywoodbets Super League, kanye nabanye abaqhamuka kwamanye amaqembu ayibamba kule ligi, bebesematasatasa belungiselela ukuqala kwesizini entsha ngesikhathi bebizelwa eqenjini lesizwe.
Abadlali asebeqalile ukudlala kumaligi abo yilabo abazinze phesheya njengoThembi Kgatlana, Jermaine Seoposenwe, Hildah Magaia, Noko Matlou, nabanye.
AbaseTanzania kungenzeka babe sesimeni esingcono ngenxa yokuthi sekunezinyanga iligi yakhona yaqala. USmidt uthe akufanele bazikhathaze kakhulu ngalokho.
“Sike saba sesimeni esifana nalesi phambilini ngesikhathi silungiselela umzuliswano wokugcina wokuhlungela i-Wafcon ne-Algeria. Akufanele sikubeke kakhulu lokho emqondweni. Izinga esizilolonga ngalo liphezulu kakhulu,” uqhube kanje.
“Osekusele wukuthi siyokwenza umsebenzi enkundleni. Uma konke sikwenza ngokubambisana, sizozifeza izinhloso zethu.”
Iqembu elizonqoba phakathi kweBanyana neTanzania lizobhekana nelizophuma phambili phakathi kweCameroon neNigeria emzuliswaneni wokugcina.
La maqembu azotholana phezulu eDouala, eCameroon, kusasa ngo-7 ebusuku bese edlala umlenze wesibili e-Abuja, eNigeria, ngoMsombuluko ebusuku.