UJATSHULISWE ukushiya uGerda Steyn ongumpetha weComrades Marathon, uKarabo More (22) oshaye intambo kwiBoxer Super Run 5km ngeSonto ekuseni.
Kulo mjaho obusukela eSnell Parade Via Lagoon Drive, uphelele eBlue Lagoon Park, eThekwini, le ntokazi yeBoxer AC inqobe ngesikhathi esiwu-16:16.
UGerda obemele elakuleli kuma-Olympic Games abeseParis, eFrance, ulale isibili ngesiwu-16:25 kwathi uCacisile Sosibo waphuma isithathu ngesiwu-16:28.
Kwabesilisa kukhonye uPrecious Mashele (13:39), kweyesibili kwangena uKabelo Mulaudzi (13:40), kweyesithathu kwaba uChris Mhlanga (13:43).
UKarabo noMashele baklonyeliswe ngo-R20 000 umuntu ngamunye ngokuphuma phambili. Bekuwunyaka wesibili lo mjaho wenziwa.
UKarabo uthe uzizwa ebusisekile ngokunqoba iBoxer Super Run 5km. Uzwakalise ukujabula ngokubanga umzila noGerda Steyn amchaze njengomunye abukela kubona kokuningi kwezokusubatha.
"Uyazi naye ukuthi ngimubiza ngontombinkulu. Empeleni kufezeke iphupho lami ngokubanga naye umzila. Kuyinto enkulu kumina ukuthi nginqobe kumuntu ophethe amarekhodi eComrades Marathon nobuya kuma-Olympic Games. Lokhu kungigqugquzela nasekwenzeni kahle nakweminye imijaho," kusho uKarabo.
"Umzila bewushesha kakhulu futhi unzima. Ngiphinde ngijatshuliswe ukuthi ngenze isikhathi esihle kunazo zonke engake ngazigijima ku-5km.“
Ubonge umqeqeshi wakhe uViolet Raseboya oshade noCaster Semenya. Kuye bajima noGlenrose Xaba osanda kunqoba umklomelo weSpar Women's 10km Grand Prix, ohambisana no-R308 000.
"Ngaphandle kosizo lomqeqeshi nolozakwethu abafana noGlenrose bengingeke ngikwazi ukunqoba iBoxer Super Run. Bahlale bengitshela ukuthi nginekusasa elihle uma ngizoqhubeka nokuzimisela. Ngibona unyaka ozayo uzongiphatha kahle."
Imiphumela yabayishumi bokuqala kwiBoxer Super Run 5km:
Abesifazane: Karabo (16:16); Gerda (16:25); Cacisile ( 16:28); Tayla Kavanagh (16:33); Jenet Mbhele (17:11); Lebo Phalula (17: 22); Busisiwe Chamane (17:30); Andisiwe Njunguza (17:48); Mabusi Makhunga (21:12); Ntsoaki Molahloe (35:27). Abesilisa:
Abesilisa: Mashele (13:39); Mulaudzi (13:40); Mhlanga (13:43); Luan Minnik (13:49); Elroy Gelant (13:49); Siyabonga Ndlovu (13:58); Ngconde Matwebu (14:19); Benjamin Nyongesa (14:22).