UKUBUYA kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) kusho ukubekwa kwamehlo kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, cishe onenselelo okwedlula bonke ozakwabo ukuqhubeka nomgqigqo aye ngawo ekhefeni leFifa.
IChiefs evale ngokubamba ngo 1-1 iMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala weMTN8, ibuyela kweyePSL ngokusingatha iRoyal AM emdlalweni weligi eFNB Stadium, eSoweto namuhla (noMgqibelo) ngo-5.30 ntambama.
Okwenze uNtseki waya ekhefini emise umsila, wukuthi ubamba iSundowns nje, ubeqoqe amaphuzu ayisithupha emidalweni emibili yeDStv Premiership.
Uqale wavathela AmaZulu FC ngo 3-0 khona eFNB Stadium ngaphambi kokuzikisa iStellenbosch FC ngo 2-0.
Akugcinanga lapho kwazise lokho kuhlotshiswe ngukubizwa kwesikhwishikhwishi somdlali wabo, uPule Mmodi, kwiBafana Bafana.
UMmodi ubeyovala isikhala sikaThemba Zwane, ohoxiswe ngukulimala.
Yize kunjalo kodwa ukubizwa kukaMmodi, oshaye amagoli amathathu kule midlalo emibili okuyiyo yodwa abasayinqobile, kuyithobile inhliziyo kaNtseki nabadlali bakhe.
Lokho kungenxa yokuthi uMmodi ubizwe kade behlekwa emuva kokuba umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, kade ecashunwe elimisa ngesihloko elokuthi akukho noyedwa kuleli qembu ofanele ukugqoka ijezi le Bafana ngenxa yokuthi abekho ezingeni.
UMmodi ubekade evele efakiwe nokho eqenjini labadlali abangu-34 abeqale ngabo uBroos ngaphambi kokuliphundla kwasala abangu-24.
Eqinisweni lakho konke okusenzekile kule sizini, wukuthi ukungamethembi uNtseki kwabalandeli bebhola, yikho okuhamba phambili endleleni abamehlulela ngayo.
Lokhu kusukela ekutheni kukhulunywa nje, kuyimanje iChiefs ibelethene nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngamaphuzu ayisikhombisa endaweni yesine neyesihlanu kwi-log yePremiership.
Nomehluko okhona nje wukuthi iChiefs isidlale imidlalo emihlanu ekubeni iPirates isadlale emine.
Emagolini basesimeni esifanayo kwazise iPirates isashaye amane, yalilanda kathathu enethini.
IChiefs isishaye ayisithupha, yalinanda nayo kathathu enethini.
Uma iChiefs inqoba kwi-AM, izoba ngaphezulu kwePirates, ohlehlisiwe umdlalo wayo ngenxa yeCaf Champions League lapho izobhekana khona neJwaneng Galaxy yaseBotswana.
Sekukuye uNtseki nabadlali bakhe ukuthi bachilize ingcindezi nokungathenjwa ngokuphuma namaphuzu agcwele kwi-AM, kungenjalo bazoqhubeka ukuba zisulu zoteku wena owabona olwabafazi emlovini.