LIVERPOOL V ARSENAL
Anfield - Ngo-7.30pm
UNGASE ucacise indlela ezothathwa isicoco se-English Premier League (EPL) sika-2023/2024 umdlalo obhekwe ngabomvu kule mpelasonto phakathi kwe-Arsenal eqhwakele neLiverpool elele isibili namhlanje 7.30 ebusuku, e-Anfield Stadium.
Akulula ukuhlonza iqembu elinethuba lonke lokudla isicoco e-England ingakafiki imidlalo yamaholidi okuhlukanisa unyaka kodwa kulokhu, uKhisimusi usheshe wafika kubalandeli bala maqembu nakubathandi bakanobhutshuzwayo umhlaba wonke.
Okwamanje i-Arsenal iqhwakele kodwa asipheli isandla esisodwa uma ubala ngeminwe amaphuzu ayihlukanise neLiverpool, Aston Villa neManchester City abasendaweni yesibili, eyesithathu neyesine kwi-log ngokwahlukana.
Womabili la maqembu eza kulo mdlalo esefomini emangalisayo okwenza kuconse amathe kwabalandela i-EPL nalabo ababhejela ibhola lomhlaba.
Nakuba esemane amaqembu embangweni okwamanje, lo mdlalo kungase kube iwona futhi ocacisa isibalo samahhashi akulo mjaho wesicoco.
Ukuthothana eduze ngamaphuzu kwiLiverpool ne-Arsenal kwenza kube nomuzwa wokuthi iqembu elizoqoqa amaphuzu amathathu lapha ilona elizozibeka ethubeni elingcono lokuqeda unyaka liqhwakele.
Emidlalweni yeligi engu-17, iLiverpool isinqobe engu-11 yadlala ngokulingana kwemihlanu. Isayithole kowodwa induku kule sizini okuyibeka emaphuzwini angu-38.
Okunye ezikaJurgen Klopp, opheka iqembu lasekhaya, eliza kulo mdlalo lizigqaja ngakho ukuthi yize libalwa namaqembu aseshaye amagoli amaningi kule sizini, ilona futhi elisangenelwe (amagoli) amancane kunawo wonke asesigabeni esikhulu sase-England (15).
EzikaMikel Arteta, ziqhwakele ngamaphuzu angu-39 kulandela amawini angu-12 emidlalweni yeligi engu-17 ezishaywe kuyona kabili zadlala ngokulingana amahlandla amathathu.
Yize ngalesi sikhathi ngonyaka odlule i-Arsenal ibihamba phambili ngamaphuzu acela kwayishumi kwiMan City kodwa igcine ingakwazanga ukuqukula okuyinto okufanele ukuthi ngeke ayivume kulokhu u-Arteta.
Kuzobe kuyihlandla lika-240 la maqembu anqwamana kusukela ngo-1893. Ingcono iLiverpool ngerekhodi kwazise inamawini angu-94 kulo mdlalo uma uqhathanisa nawe-Arsenal angu-82. Sebedlale ngokulingana kwengu-63.
Kusenzeke kabili ukuthi umdlalo wala maqembu uphele kungu 0-0 emidlalweni engu-21 yawo edlule.
Ngo-Ephreli nonyaka babambane ngo 2-2 kanti ngo-Okthoba nyakenye i-Arsenal inqobe ngo 3-2.
Ababhekwe kwiLiverpool:
Mohamed Salah, Virgil van Dijk, Lius Dias noDarwin Nunez.
Ababhekwe kwi-Arsenal:
Bukayo Saka, Gabriel Jesus, Martin Odegaard noDaclan Rice.
Abalimele kwiLiverpool:
Joel Matip, Thiago Alcantara, Andrew Robertson, Ryan Gravenberch, Diogo Jota noStefan Bajcetic.
Abalimele kwi-Arsenal:
Fabio Vieira, Takehiro Tomiyasu, Mohamed Elneny, Thomas Partey, Jorginho noJurrien Timber.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namhlanje - Ngo-2.30pm: West Ham v Man United.
Ngo-5pm: Tottenham Hotspur v Everton; Nottingham Forrest v Bournemouth; Fulham v Burnley ; Luton Town v Newcastle United.
Ngo-7.30pm: Liverpool v Arsenal.
NgeSonto - Ngo-3pm: Wolves v Chelsea.