SIBUSISO MDLALOSE
AMAZULU FC azethule umthwalo wezembe ebhaxabula iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
AmaZulu ebeze kulo mdlalo ewadinga kumnyama kubomvu amaphuzu ukwenza isiqiniseko sokuqhela unomphela esishozini okudlalela kuso izembe.
Ukwehluleka kwawo ukuthola amaphuzu bekuzowashovela emshungwini wamaqembu avika izembe ikakhulukazi emuva kokuba iSwallows FC ibhaxabule iMaritzburg United ngoLwesine.
Ukunqoba kweSwallows nayo ebisisemshungwini wamaqembu avika izembe, bese kuyiqongise kakhulu ingcindezi kuMaZulu, nobesekuwaphoqa ukuthi nakanjani iwunqobe umdlalo wayo neSekhukhune.
Nebala akhombise zibekwa ebhandeni AmaZulu ukuthi abefuna ngempela ukuwunqoba lo mdlalo.
Indlela abehlasela futhi ecindezela ngayo, nokugcine kuthele izithelo ngomzuzu ka-30 u-Ethan Brooks evalela phakathi elenze kwaba ngu 1-0.
Nangesiwombe sesibili Usuthu luqhubekile nokucindezela, lungakhombisi nhlobo izimpawu zokuba yiqembu eselidlalela ukuvala emuva.
Ukucindezela nokushoshela phambili ngamandla kuphinde kwawatholela umvuzo ngenkathi uRamahlwe "Rama" Mphahlele obeseshoshele phambili evalela phakathi elesibili elenze kwaba ngu 2-0 ngomzuzu ka-75.
Usuthu okumanje lusendaweni yeshumi kwi-log yePremiership, akungatshazwa ukuthi luzoyobhekana neSundowns kuthe gidi isibindi.
Lo mdlalo ungoLwesithathu, eMoses Mabhida Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
Ngemuva kwalo mdlalo weSundowns, leli qembu laseMbelebeleni lizosalelwa yimidlalo emibili emqoka okungoweLamontville Golden Arrows (ekuhambeni) ne-Orlando Pirates (ekhaya) nelidinga ukuyinqoba ukuxoxa ngetop8.