UMQEQESHI omusha waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, wehlelwe yinhlanhla yokufunda izimbangi azovula nazo koweligi eqhathwa nazo emqhudelwaneni iKZN Premier's Cup.
USuthu lutomule iRoyal AM, engompetha banyakenye, ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala kulo mqhudelwano waminyaka yonke.
IPremier's Cup yethulwe ngokusemthethweni eMoses Mabhida Stadium.
Izodlalelwa eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoJulayi 22. Owandulela owamanqamu nowamanqamu uzodlalelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoJulayi 23.
Kuzodudulana amaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal adlala kwiPremier Soccer League (PSL). Agijima kwiPremiership wuSuthu, Royal AM, Lamontville Golden Arrows neRichards Bay FC.
Kwadlala kwiMotsepe Foundation Championship kukhona iMaritzburg United neMilford esanda kuthenga Uthongathi FC.
AmaZulu atomula iRoyal AM kwiPremier's Cup nje, azovula nayo kwiDStv Premiership ngo-Agasti 5 eChatsworth Stadium.
Iphini likaMartin kuMaZulu, uSiboniso Vilakazi, lithe ukutomula kwabo iRoyal AM kuzomsiza kakhulu lo mqeqeshi waseSpain ongakawazi amaqembu aseMzansi.
“Siyajabula kakhulu ukudlala kulo mqhudelwano. Uzosikhombisa ukuthi sesiyilungele kangakanani isizini,” kusho uVilakazi.
“Umdlalo wethu wokuqala wesizini sizowudlala neRoyal AM ngakho kuzoba wumdlalo ozosicacisela.
“Sinomqeqeshi omusha, uPablo, uzobona ukuthi iRoyal AM injani njengoba sizodlala nayo emdlalweni wokuvula wesizini.”
UMartin unengcindezi yokushintsha izinto kuMaZulu. IPremier's Cup izomnika ithuba kokuhlanganisa iqembu. Ngesizini edlule aqede endaweni ka-12 kwi-log yePremiership.
Umqeqeshi wonozinti kwiRoyal AM, uPostnet Omony, uthe iPremier's Cup izobakhombisa ukuthi iqembu likuphi namalungiselelo okuqala kwesizini.
Ngaphezu kwalokho izobanika ithuba lokuhlola bonke abadlali.
Iqembu ngalinye elizodlala kwiPremier's Cup linikezwe wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko isizumbulu sika-R831 000 sokwenza amalungiselelo.
Lo mnyango ukhiphe u-R6.5 million ngomqhudelwano wonke. Iqembu ngalinye lizothola amabhasi amabili okuthutha abalandeli.
Imidlalo yePremier's Cup
NgoJulayi 22 eSugar Ray Xulu Stadium
AmaZulu v Royal AM
Milford v Maritzburg United
NgoJulayi 23 ePrincess Magogo Stadium
Golden Arrows v Richards Bay