KUVELA ukuthi AmaZulu FC azojoyinwa umgadli waseKenya, uVincent Oburu obedlala kwiZesco United yaseZimbabwe.
Leli phephandaba lithole ukuthi sezivuthiwe izingxoxo zoSuthu nalo mgadli oke wagijima kwiWazito nakwi-A.F.C Leopards eKenya.
Usuthu lukhuluma naye nje ubesanenkontileka neZesco ebisalelwe amasizini amabili.
Kuthiwa umqeqeshi woSuthu, uMartin "Cijimpi" Pablo, uhlabeke umxhwele ngaye. Ngaphandle kokuba umgadli, u-Oburu (25) kuthiwa ubuye adlale ohlangothini lwesinxele phambili. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uSuthu luke lwamumema ukuthi luzomhlola ngesikhathi lulungiselela isizini ephezulu. Nokho ugcine engafikanga. Lumumeme uPablo engakaqokelwa kwesenhloko yabaqeqeshi.
Umthombo uqhube wathi, isizathu sokuthatha lo mgadli kungenxa yokuthi uYakhouba Gnagna Barry waseGuinea uSuthu ebelimfuna kutholakale ukuthi unenkinga yedolo.
"Uhlabeke umxhwele uCijimpi ngo-Oburu. Wuye obemlandela wabe esazisa usihlalo woSuthu, uSandile Zungu. Naye ubukeka echazekile. Uzovala isikhala sikaYakhouba Gnagna Barry otholakale enenkinga yedolo. Asethembe ukuthi u-Oburu uzotholakala ephila saka," kubeka umthombo.
UZungu ukuqinisekisile ukuthi bazojoyinwa u-Oburu.
"Ngeke liphele leli sonto engafikanga. Sichazekile ngesikubonile. Sethemba ukuthi uzoba wusizo eqenjini," kubeka uZungu.
Ukuqinisekisile nokutholakala kwenkinga yedolo kuBarry.
"Besingeke sikwazi ukumsayinisa. Ubezoba utaku lwethu. Usephindele kwelakubo. Maduze kumele ayohlinzwa idolo. Wonke umdlali okumele ajoyine uSuthu kuzoqale kuhlolwe isimo sempilo yakhe. Lokhu sizokwenza ngisho nakwabasuka ngaphesheya koThukela. No-Oburu uzoqale ahlolwe ngaphambi kokusayina,“ kusho uZungu.
Mayelana noVictorien Adebayor waseNiger osekuphele isikhathi kuthiwa uyeza, uZungu uthe balindele afike noma inini.
"Osekuphinde kwaba inkinga yilokhu kuvukelwa kombuso okuqhubeka eNiger. Sekwenze u-Adebayor wavaleleka, izindiza aziphumi kuleliya lizwe. Sizama imigudu ethile ukuze agcine efikile kuleli," kuphetha uZungu.
AmaZulu anqobe umdlalo wawo wokuqala eshaya iTS Galaxy ngo-1-0 ngesonto eledlule. Kolandelayo ozoba ngoSepthemba 17, eMoses Mabhida Stadium azobhekana neCape Town City.