AmaZulu FC 4-0 Kaizer Chiefs
KUSHODE izinyembezi kubalandeli beKaizer Chiefs iqembu labo liphendulwa ngaMaZulu FC inhlekisa ibabhambabula ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.
Yisibalo samagoli esingajwayelekile, ikakhulu sivela ngakuMaZulu kodwa-ke asethusi uma ubuka isikimu ebesiboshelwe ngumqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane.
Lo mqeqeshi ubebophele wagamanxa kubadlali abasebancane kangangoba kwabaqale umdlalo asebethe ukuqina, ngunozinti nokaputeni u-Itumeleng Khune, Edmilson Dove, Zitha Kwinika, Reeve Frosler, mhlawumbe noYusuf Maart.
UZwane udidekile akazk nokuthi akhiphe bani. Abantu abakade bewarmupper usebahlalise phansi bonke. #AFCvKCFC @IsolezweNews
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) January 13, 2023
KuMaZulu - anqobe ngamagoli kaDumisani Zuma, Ramahlwe Mphahlele, Junior Dion noBongi Ntuli - bekuboshelwe kusuka emuva kuya phambili kanjalo nasebhentshini.
UNtuli ushaya igoli lesine nje, ubengene ngesiwombe sesibili esuka ebhentshini.
Ubungafunga ukuthi AmaZulu adlalela ukuthoba izinhlungu ingwevu yomqeqeshi wawo uClive Barker, ophathekile kulezi zinsuku.
Akakufihli ezingxoxweni zakhe uBarker ukuthi alikho iqembu okwakuthi cosololo kuye uma elihlulile okwedlula iChiefs, ngesikhathi esacija AmaZulu.
Impela lo mphumela kufanele ukube umthobe imithambo wazizwa ephilile cishe waze “wandiza”, okuyindlela ayejwayele ukujabulela ngayo amagoli nokunqoba imidlalo.
Ngalo mphumela AmaZulu abuyise isithunzi aphinde abeke nasengcupheni nomsebenzi kaZwane, obeseza kahle enconywa ngokukhuphula abadlali abasebancane abahle.
Injabulo ebikuphathi beqembu, uSandile Zungu namalungu omndeni wakhe, isiyoxoxwa ngezithombe.