UMQEQESHI waMaZulu FC kwiDStv Diski Challenge, uSiboniso Vilakazi, ufuna balwe ngakho konke ukuze badle uKhisimusi behlezi esicongweni se-log.
USuthu lwenyukele phezulu kwi-log yeDiski ngempelasonto edlule, emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns. Lugudluze iCape Town City ehlale esicongweni kusukela kuqala isizini. Ngaphandle kokuwina, AmaZulu asizwe wukuhlehla komdlalo weCity neSwallows nokwehlulwa kweStellenbosch yiTS Galaxy. AmaZulu, anamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-10, ahlukaniswe yiphuzu neCity.
"Ngincoma abadlali ngokuthi sihlezi esicongweni se-log futhi sijabule kakhulu ngalokho. Ezinye zezinto ebesizibekele zona kule sizini wukuthi kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba noKhisimusi, sesike sahlala esicongweni noma sibalwa namaqembu amathathu aphezulu ukuze sizobuya sibange isicoco.
“Sinabadlali abasezingeni eliphezulu abasebancane. Cishe singelinye lamaqembu ashaya ngabafana abancane kwiDiski kule sizini. Bayazi ukuthi kudingeka bangene enkundleni benzeni. Sinamabhubesi amancane," kusho uVilakazi.
Inkululeko yaMaZulu esicongweni se-log incike emsebenzini azowenza kule mpelasonto. Adinga ukushaya iCity emdlalweni wokuvala unyaka ozoba ngeSonto, eMalta Park Sports Complex, eKapa.
"Ngeke kube lula ukudlala neCity ekuhambeni. Okuhle wukuthi asibangi umsindo njengoba siphezulu ngoba uma wenza lokho amaqembu ayaqala afune amaqhinga okukwehlisa. Thina kade sisebenza buthule. Sizotheleka eKapa sizilungiselele kahle ngoba iCity ayilona iqembu elilula. Sifuna ukubuya namaphuzu ukuze sizoya emaholidini kaKhisimusi nasekhefini leNdebe yoMhlaba sihlezi esicongweni se-log," kusho uVilakazi.
ICity, okuqale isizini yeDiski izidlela amahlanga emaqenjini eDiski, izodlala umdlalo wokugcina isendaweni yesibili kwi-log. Kodwa kungenzeka kuphele impelasonto isiyehlele kweyesithathu uma yehluleka ukudla AmaZulu, iStellenbosch yaqoqa amaphuzu amathathu kwiMarumo Gallants. Imidlalo yeDiski iyoze ibuye ngoJanuwari 7.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v Swallows (Wolfson Stadium); Royal AM v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium); Stellenbosch v Marumo Gallants (Idas Valley Sports Ground).
Ngo-12pm: Sekhukhune United v Orlando Pirates (Tsakane Stadium); SuperSport United v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Cape Town City v AmaZulu (Malta Park Sports Complex); Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-12pm: Richards Bay v Kaizer Chiefs (Mpumalanga Stadium).