AmaZulu (0) 2
Mamelodi Sundowns (1) 2
NAKUBA AmaZulu ejabulise abalandeli awo, ebamba iMamelodi Sundowns ngo-2-2 kodwa ahlulekile ukuphuma ohlwini lwamaqembu anyonyobelwa yizembe.
Kulo mdlalo weligi obusePrincess Magogo Stadium, elokuvula inkundla lishaywe uBongani Zungu ngoka-26. Bekuyigoli lokuqala selokhu ebuyele kwiSundowns.
Elesibili leSundowns lishaywe uPeter Shalulile ngoka-58.
KwiDStv Premiership uhamba phambili ngamagoli awu-12. Elokuqala loSuthu lingqofelwe phakathi uRamahlwe Mphahlele ngoka-65.
Elesibili loSuthu kube yintululwane yeshodi eshaywe uJunior Dion ngoka-84 kade esuka ebhentshini.
AmaZulu aqhubekile nokuhlala kweyesi-11 ngamaphuzu awu-33. Nakuba ezika-Ayanda "Cobra" Dlamini zingakasindi ezembeni kodwa zisenalo ithuba lokungena ku-Top 8.
Ukuze kufezeke leli phupho luphinde lusinde uSuthu ezembeni, kuzomele lunqobe kwemibili yokugcina.
Kusele owomkhaya, iLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo khona ePrincess Magogo nowe-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium.
Akubuzwa ukuthi abaMaZulu bathandazela ukuthi uDlamini aphinde akwenza kumasizini edlule esindisa leli qembu ezembeni.
Nakuba kungehlanga kahle kuRhulani Mokwena ukudlala ngokulingana kodwa ukwazile ukubamba irekhodi lokungashaywa kweyeligi selokhu eqokwe njengenhloko yabaqeqeshi.
Usenalo nethuba lokuphula irekhodi elenziwa ezakhe ngo-2015/16 lokusonga iligi ngamagoli awu-71. Njengamanje inawu-66 emidlalweni ewu-28.
Kanjalo usenalo nelokulinganisa eleKaizer Chiefs lika-1998/99 lokuphakamisa isicoco seligi ngokunqoba ewu-22 emidlaweni ewu-30. AmaBrazilians asenqobe imidlalo ewu-20.
Nakuba zibe khona iziwombe lapho uSuthu obelufika kuzwakale khona kodwa esiwombeni sokuqala yizitha ezithole amathuba angconywana.
Mhlawumbe ukube uRally Balywa akalenzanga iphutha eliholele ekutheni uZungu ashaye igoli lokuqala ngabe umphumela walo mdlalo ube ngohlukile.
Esiwombeni sesibili uMokwena unike ithuba abangajwayele ukudlala. Nokho lokhu kucishe kona izinto njengoba emuva kokukhipha uThemba Zwane noPeter Shalulile, uSuthu luqale ukuhlasela kwaze kuba luthola igoli.
NgoMgqibelo, iSundowns izodlala neMarumo Gallants, ePeter Mokaba Stadium.