Mamelodi Sundowns (1) 2
Kaizer Chiefs (0) 1
AMAPHUTHA amabili asobala aphuce iKaizer Chiefs umphumela obekubhekwe ukuthi uyifakele umfutho ewudingayo njengoba kuqala isizini.
Esikhundleni sokuthi Amakhosi afake okuthile emgodleni, agcine ebuyela ekhaya elambatha ngemuva kokuguqa ngo 2-1 ngoLwesithathu, emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Inkundla ebigcwele phama, ivulwe uLucas Ribiero, maphakathi nesiwombe sokuqala ebeka amaBrazilians phambili esiwombeni sokuqala.
Lelo goli liqhamuke ngemuva kokuthi iChiefs izame ukuqala ibhola emuva ngonozinti, wayo uBrandon Petersen, ibhola aliphasele u-Edson Castillo othe elibuyisela kuyena lantshontshwa, lagcina likhale enethini.
Esiwombeni sesibili ngesikhathi iChiefs izitshela ukuthi isilitholile iphuzu ngegoli lika-Ashley Du Preez, umdlali we’Downs uNeo Maema ubeke ezakhe phambili waqeda ngamathemba eChiefs.
Imizuzu yokuqala engu-20, bekuyiSundowns ebizenzela ebholeni kusobala futhi ukuthi indlela iyivula, kuReeve Frosler, obemiswe kabi, uThapelo Maseko, obefika kuvalwe amehlo.
Nakuba iChiefs ibizama ukuphuma nebhola emuva kodwa lokhu bekungahlangani kwazise, uYusuf Maart, Castillo noSinethemba Sithebe, bekungathi abekho ngale mizuzu.
Ngomzuzu ka-21, iChiefs izamile futhi ukudlala emuva kodwa ibhola likaPetersen, obevimbele iChiefs, ladliwa kuCastillo ibhola labhajwa ezintanjeni ngonyawo lukaRibeiro waseBrazil.
Emuva kokungena kwaleli goli umdlalo uphinde wabuyela ekutheni iChiefs ime emuva idle ngokuthi izokuvimba konke obekuthunyelwa kuyona iSundowns ngoMaseko.
Sesiyela ekupheleni isiwombe sokuqala, abalandeli beChiefs bese bemcela ngaphandle umgadli, uRanga Chivaviro.
Lo mgadli bamhhewula nje, akekho umdlali wasesiwini obemphakela amabhola ngaphandle kokuthi awalwele yena engenasizo.
Ngenxa yokushuba komdlalo, kuyiwe ekhefini u-Abdelmounaim Boutouil noKhuliso Mudau beSundowns kanjalo noSifiso Hlanti noSithebe beChiefs benamakhadi aphuzi.
Amakhosi abuye ngomfutho ongcono esiwombeni sesibili kodwa ithuba lokuqala elicacile liwel, kuPeter Shalulile kodwa lamhlula ngomzuzu ka-50 esebhekene nonozinti.
Kusobala-ke nokho ukuthi umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, kukhona akutshele abafana bakhe ngekhefu kwazise, uPule Mmodi noChivaviro bese beyingozi kwiSundowns okuyinto engazange yenzeke esiwombeni sokuqala.
UShalulile noMaseko bekumele bayikhululekise iSundowns ngomzuzu ka-67 kodwa wanqaba uPetersen evimba lawo mabhola.
ISundowns ikhiphe uThemba Zwane kwangena uMaema, endaweni yakhe kwathi, uCristian Salie wangenela uChivaviro kuMakhosi.
Ubuqhawe bukaPetersen buphinde bavela etakula iqembu lakhe kulokhu egeza uMaseko noMarcelo Allende ngomzuzu ka-75.
Ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-84, igoli lokuqala lesizini leChiefs ngonyawo lukaDu Preez ophakelwe kamnandi uTebogo Potsane.
Ngemuva kokusebenza kanzima ehlenga ezakhe, ekugcineni uPetersen wenze iphutha ephunyukwa ezandleni yibhola ebelingatheni ebelishatwe uMaema, ahamba kanjalo amaphuzu amathathu.