Cape Town City (0) 0
Mamelodi Sundowns (0) 0
ICAPE Town City ibe iqembu lokuqala ukuphuca iMamelodi Sundowns amaphuzu kule sizini kulandela ukuyibamba ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama, eDHL Cape Town Stadium, eKapa.
ISundowns ilahla amaphuzu okokuqala nje, ifike kulo mdlalo ihamba emoyeni kwazise ibisiyinqobe yonke engu-11 eyokuqala yesizini okuyibeka eqhulwini kwi-log yize isele ngemidlalo.
Leli qembu likaRhulani Mokwena, lisazihola phambili ngamaphuzu awu-34 esicongweni. Lilandelwa iSuperSport United enamaphuzu awu-29 emidlalweni ewu-15.
ICity isendaweni yesithathu njengoba isiqoqe amaphuzu awu-26 emidlalweni ewu-15.
Ezika-Eric Tinkler zingene enkundleni nenkinga enkulu kwazise, uKhanyisa Mayo, oziqhululela amagoli akadlalnga ngenxa yesigwebo samakhadi.
Imizuzu yokuqala ikucacisile ukuthi iSundowns iyona ewuqale kangcono umdlalo okufakazelwa ubuningi bamathuba abisivele iwakhile umdlalo ungakafiki ngisho emizuzwini engu-40 uqalile.
Nakuba iSundowns ibinezimpawu zokuba iqembu elingcono kodwa iCity ibingayinike-thuba ikakhulukazi esiswini lapho ebiyixina khona kuze kudaleke amaphutha, koBongani Zungu, S’phelele Mkhulise noSipho Mbule, abebedlala maphakathi nenkundla (kwiDowns).
Ngoka-42, uDarwin Gonzalez, bekumele ayibeke ebuhleni iCity kodwa wakha amabhilidi. Ohlangothini lwe’Downs, noLucas Ribeiro, wenze okufanayo kulandela ukuthola kwakhe ithuba elihle ngomzuzu ofanayo.
Isiwombe sokuqala sisongwe ngokuthi, uLorenzo Gordinho wamaCitizens, agezwe, uRonwen Williams, olivimbe sekuvalwe amehlo ibhola ebelingqofwe ilo mdlali wasemuva weCity.
Ngokubona ukuthi amaCitizens ayawukhuphula umdlalo esiwombeni sesibili, uMokwena, ukhiphe uZungu, Mbule noGaston Sirino, wafaka izithenjwa zakhe ezingoLebohang Maboe, Themba Zwane no-Aubrey Modiba.
Nangempela lezi zinguquko ziwukhuphulile umdlalo weSundowns kwazise ibisifika kulandelana ezintini, zikaDarren Keet, obevimbele iqembu lasekhaya.
Bekuthembisa kwiSundowns cishe sonke isiwombe sesibili kodwa umdlalo ugcine ngokuphela womabili la maqembu engabonanga ngalapho ebegxunyekwe ngakhona amapali.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoDisemba 27, yamukela iMoroka Swallows eLoftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku. ICity izodlala nomkhaya bayo, iCape Town Spurs ngoDisemba 31 kozoqala ngo-3.30 ntambama, eDHL Cape Town Stadium.