SIKUQONDA kahle isilomo seMamelodi Sundowns, uLucas Ribeiro ukuthi kumele sizikhandle ngokuphindaphindiwe uma sifuna ukuziphendlela isikhala eqenjini lesizwe laseBrazil.
Nale sizini leli nxele elidlala ngemuva kwabagadli liyiqale ngezinga eliphezulu njengoba selishaye amagoli ayisithupha, lakha amane emidlalweni ewu-11 emiqhudelwaneni ehlukene.
Ngesikhathi litheleka ngesizini edlule alichithanga sikhathi ngokudlala ingcwenga yebhola. Liyisonge selishaye amagoli awu-16, lakha ayisishiyagalolunye kwewu-37.
Lifike lazibula ngenkomishi ye-African Football League (AFL) neyesicoco seligi. Liphinde lalima indima enkulu ekutheni iSundowns ifinyelele kowamanqamu eMTN8 nakwaweNedbank Cup. Zombili lezi zinkomishi zinqotshwe i-Orlando Pirates ngesizini edlule. URiveiro (26) ungomunye wabebehambele isithangami nabezindaba ukuzochaza ngamalungiselelo omdlalo owandulela owamanqamu eCarling Knockout Cup abazowudlala neMarumo Gallants, ngeSonto. Uzoqala ngo-3 ntambama, eSeisa Ramabodu Stadium.
Ebuzwa ukuthi ngabe uzibona edlala ibhola elingamphendlela isikhala eqenjini lesizwe, uvele wahleka wathi akumkhathazi ukungabizelwa kulo.
"Ukubizelwa eqenjini lesizwe ngolunye udaba. Kulukhuni satshe ukungena kulo. Sonke siyazi ukuthi kulo kuboshelwa abadlali bezinga eliphezulu. Nokho uma ngingalithola lelo thuba lingashintsha impilo yami," kubeka uRiberio obetolikelwa.
Uthe okwamanje usajabulela ibhola lakuleli.
"KwiSundowns nginikwe inkululeko yokudlala ibhola lami. Lokho kuwukhiye kuwona wonke umdlali. Lokhu kukhululeka kungenza ngibe usizo eqenjini ngiphinde ngisize ozakwethu. Ukudlala kwelesizwe angikacabangi ngakho. Uma kwenzeka kungaba ibhonasi."
Kule sizini iSundowns isivele iphunyukwe iMTN8 egcine ivikelwe izona eZimnyama. Indlela ebheke kowandulela owamanqamu eCarling iyiphendle ngokubhaxabula iLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs. Ngesizini edlule yakhishwa iTS Galaxy zisuka. Izoya kowangeSonto iphuma ekushayeni iPolokwane City koweBetway Premiership.
URibeiro uthe amalungiselelo omdlalo weGallants ahamba kahle. "Sesikhohliwe umdlalo odlule, imiqondo yethu sesiyigxilise koweGallants. Yingoba sikubheke ngabomvu ukudlala omunye wamanqamu," kuqhuba lo mdlali. Kulo mqhudelwano iGallants ecijwa uDan Malesela, idlule kwiPolokwane City nakwiStellenbosch.