AKABONI kukhona okuyisimanga noma okungaphezulu okumele kwenziwe iqembu lakhe, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uma sebelungiselela ukubhekana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership.
Lokhu ukusho esithangamini sabezindaba ngemuva kokuthi ezakhe zishaya iCape Town City ngo 3-1 kowe-Last 16 yeCarling Black Label Knockout Cup, ngempelasonto, eMpumalanga Stadium, eThekwini.
Ubebuzwe ukuthi ukunqoba kulo mdlalo kuzobagqugquzela kangakanani abadlali bakhe ekwenzeni kahle uma sebebhekene neChiefs ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama, enkundleni efanayo.
"Empeleni bengingazi nokuthi sizobhekana nobani emdlalweni olandelayo. Akukho simanga ngeKaizer Chiefs, ngeke siyiphathe ngendlela ehlukile, ifana nawo wonke amaqembu adlala kwiDStv Premiership. Besizenzela thina ngokunqoba kwiCape Town City. Asiyanga kulo mdlalo sithi sifuna ukunqoba ukuze sizoya koweChiefs sivuselelekile. Sidlala nayo kabili ngesizini, ayihlukile kwamanye amaqembu. Thina sigxila ezintweni zethu, asibheki ukuthi abanye benzanjani," kubeka uKhenyeza.
Abafana Bes'thende banqobe kumaCitizens ngamagoli kaTebogo Tlolane, Nduduzo Sibiya nelikaKnox Mutizwa. Elokubika lezitha lize noTaahir Goedeman.
Kwiligi yenza kahle nakhona, ihleli endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-17. Inqobe imidlalo emihlanu kweyisishiyagalombili, yadlala kabili ngokulingana, yahlulwa kanye. IChiefs ibambe indawo yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
UKhenyeza uncome abadlali bakhe ngokuzimisela beshaya iCity.
"Wonke umdlali eqenjini lethu uyakwazi okulindelwe kuyena. Uma enikwa ithuba ulibamba ngezandla zombili. Akungabongwa mina, akunconywe abadlali. Mina ngabongwa kwedlula ngisewumdlali. Sinabadlali abaningi abasebancane okumele senze isiqiniseko sokuthi sibagcina bethobekile futhi benemiqondo esesimeni esihle. Abantu abayinkinga abangani nemindeni abatshela laba badlali ukuthi bayizinsephe ekubeni besadlale umdlalo owodwa. Bakusho lokhu umdlali esasalelwe inqwaba yamasizini.“