USADUVE kwiSwallows FC umdlali osemncane weMamelodi Sundowns, uPromise Mkhuma, osalinde kuxazululwe eyesigwebo seZinyoni.
Ezinyangeni ezedlule, iFifa okuyinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, igwebe iSwallows iminyaka emibili ingasayinisi abadlali ngenxa yecala elalifakwe ngabadlali baseSerbia uVladimir Mandic no-Obren Cuckovic.
Laba badlali babekhala ngokuthi iSwallows ibakweleta imiholo futhi yanqamula izinkontileka zabo ngesizini ka-2014/2015. Kuleyo sizini, iSwallows yagcina idliwe yizembe kwiDStv Premiership.
Abaphathi beSwallows bamanje bazamile ukuzikhipha obishini beveza ukuthi bayiqembu elihlukile kuneMoroka Swallows ekweleta uMandic noCuckovic kwazise bona bathenge iqembu iMaccabi FC kwiMotsepe Foundation Championship. Nokho lokho kugcine kungaphumelelanga.
Isigwebo seSwallows sibeke engcupheni ikusasa likaMkhuma osenezinyanga ejima nayo. ISundowns imbolekise iminyaka emibili kwiSwallows. Abanye abadlali abalinde kulunge izinto esidlekeni seZinyoni ngumgadli waseZimbabwe u-Evans Rusike wodumo kwiMaritzburg United, nonozinti weqembu lesizwe lase-Ivory Coast uBadra Ali Sangare obekade evimbela iSekhukhune United. Ngaphandle kwalaba badlali kuvele ukuthi iSwallows iphinde yaphunyukwa nguHappy Jele osanda kuhlukana ne-Orlando Pirates nonozinti uDaniel Akpeyi ongakalitholi iqembu selokhu exoshwe yiKaizer Chiefs.
"UMkhuma usekhona lapha eqenjini kanye nabanye abadlali abaziqeqeshayo. Balinde ukuthi usihlalo (uDavid Mogashoa) alungise indaba yesigwebo. Kunethemba lokuthi izolunga ngaphambi kokuvulwa kwewindi lokusayinisa abadlali," kusho umthombo ongaphakathi kwiSwallows.
Iwindi lokusayinisa abadlali lizovulwa ngoJanuwari 1, livalwe ngoJanuwari 31. Uma iSwallows yehluleka ukuxazulula eyesigwebo kungenzeka ilahlekelwe ngabadlali ebadingayo abaziqeqesha nayo njengoba ibalwa namaqembu angayiqalanga kahle isizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership.
Imenenja kaMkhuma, uMike Makaab weProSport International icashunwe ephepheni iSunday World, ithi: "UMkhuma ungumdlali weSwallows kodwa izokwazi ukumbhalisa uma sekugudluzwe isigwebo. Nokho sizoba nalo ilungelo lokumthungathela elinye iqembu uma sekuvulwe iwindi ngoJanuwari."
Isikhulu esiphezulu seSwallows, uSipho Xulu, sivumile ukuthi bayaxoxa neFifa mayelana nesigwebo, sathi basalinde isixazululo ukuze basayinise uMkhuma.
"UMkhuma ukhona eqenjini kodwa asikwazi ukuthi ukhona ngokuphelele ngoba akukho esingakwenza ngaye ngoba asikavunyelwa ukusayinisa abadlali. Sisalindile ukuthi kuxazululwe indaba yesigwebo ukuze simboleke. Abameli bamatasa baxoxa nabasigwebile," kusho uXulu.