UMAMATHEKA yedwa umqeqeshi waMaZulu FC, uFranco Pablo Martin uma echaza ngomdlali wabo omusha, u-Andiswa Sithole, ambona ezoletha utshinsho olukhulu eqenjini lakhe.
Ngesonto eledlule uSuthu lumemezele izindaba zokusayinisa lesi sikhwishikhwishi ebesidlala kwiMaritzburg United eseyaziwa ngeDurban City, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Sikhiqizwe izinkulisa zalo leli qembu eselifudukele eThekwini lisuka eMgungundlovu.
USithole wenyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini edlule. Lo mdlali oyibamba ohlangothini lwesokudla, ujoyine uLuvuyo Phewa, Etisalat Ighadaro, Kwanda Mngonyama, Boniface Haba noSenzo " Mbhobho" Ndlovu njengabadlali abasha kuMaZulu.
Ijezi uzolibanga noHaba waseGuinea, Mlondi Mbanjwa no-Augustine Mulenga waseZambia.
UMartin ubeze amoyizele uma ephawula ngoSithole kwabezindaba, amchaze njengomdlali wekhethelo.
"Okuhle ngaye ukuthi usemncane. Ningangizwa kabi, enkundleni uma ephethe ibhola uvele aphenduke isilwane. Uma ibhola likuye ulindela noma yini, akasabi lutho. Indoda uyishiya ibheke phezulu ngomjiko wakhe onenkosi phakathi. Ukhanda aphinde ashaye amagoli. Ngaso sonke isikhathi usebenza ngokuzimisela. Ufike wangena khaxa esitayeleni soSuthu," kubeka uMartin.
Uqhube wathi: "USithole uzele ukuzoqinisa umbango wejezi eqenjini lethu. Konke kulele kuyena hhayi kuthina njengabaqeqeshi. Ngihlale ngisho ukuthi akuthina baqeqeshi esithatha isinqumo sokuthi kuzodlala bani. Yibona abadlali abasetha isikimu ngokuthi bazitshengise ukuthi bakulungele ukudlala. Kulezi zinsuku efikile kuthina sisachazekile indlela adlala ngayo. Kuhle ngoba usijoyine kusasele amasonto ngaphambi kokuqala kwesizini. Ubukeka ezokulungela maduze ukudlala kahle kwiBetway Premiership. Uma ezozimisela uzongena maduze eqenjini lesizwe. Unalo nethuba lokudlalela amaqembu amakhulu nokuya phesheya kwezilwadle imbala."
Ngesonto eledlule AmaZulu amemezele ukuthi ngeke abe ingxenye yePrince Mangosuthu Legacy Cup ezoba ngoSepthemba 7, ePrince Mangosuthu Stadium, Olundi. Akhiphe isitatimende ekhala ngokubheda kwale nkundla nangokuthi usuku lomqhudelwano lusondelene nomdlalo wokuqala nePolokwane City ozoba sekuhambeni ngoSepthemba 14.
Ebuzwa uMartin ukuthi ngabe kube isinqumo sikabani sokuhoxa kulo mqhudelwano, uthe: "Lo mbuzo kumele uwubhekise kubaphathi beqembu. Yibo abathatha izinqumo. Siyazeseka ngaso sonke isikhathi." Nokho Lo mqeqeshi ngesikhathi beqeda ukudlala kwiKZN Premier’s Cup enkundleni efanayo ezinyangeni ezedlule, wakubeka kwacaca ukuthi ayikho esimeni esifanele futhi ilimaze abadlali bakhe abasala benokudonseka kwemisipha.