AKASOZE akhohlwe ilapho ephuma khona umgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez, yize esephenduke undabuzekwayo ngakubo eStellenbosch, eWestern Cape, kusukela esayine kwelinye lamaqembu alandelwa kunawo wonke eNingizimu Afrika.
Lo mgadli akangabazi ukuthi lolu dumo, kuzoba sengathi luphindiwe njengoba ebizelwe okokuqala ngqa kwiBafana Bafana ezozwana amandla kowobungani neSierra Leone ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eGoli.
UDu Preez ofakwe kulesi sikwati ngoba kulimele uLyle Foster, uthembise ukuqhubeka nokunakekela umndeni wakhe nabo bonke ababheke usizo kuyena ngoba uyakwazi akushiye ngemuva yize esethathwa njengomuntu okhethekile ngakubo e-Idas Valley, eStellenbosch.
Ezinyangeni ezimbalwa, uDu Preez usayine kwiChiefs okuyinto athi uzishaya isifuba ngayo njengoba esebizelwa kwiBafana.
“Ngingasho ukuthi abantu bangakithi nomndeni wami bebezishaya isifuba ngami ngisadlala kwiStellenbosch FC kodwa kusukela ngijoyine iChiefs, kuvele kwaba sengathi uthando nodumo luphindeke kaningi,” kusho uDu Preez ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Ngizimisele ukuqhubeka nokuba yisibonelo emndenini wami kuhambe kuze kufike kuzona zonke izingane ezibukela kimina emphakathini.
“Ngizoqhubeka nokulula isandla emndenini wami ngiwuhlinzeke ngazo zonke izidingo zawo kanjalo nakubangani bami, ngeke ngishintshe.
“Iphupho lami iphupho ngelomphakathi wami wonke ngakho-ke ngeke ngiwujikele kumbe ngiwuphoxe ngoba ngiziqonda kahle izingqinamba ezibhekene nomphakathi engisuka kuwona,” kusho lo mdlali.
UDu Preez uthe ngeke azithambise uma enikwa ithuba lokudlala kowakusasa noma koweBotswana, omaphakathi nesonto elizayo, enkundleni efanayo.
“Ngijabule ngokubizelwa kwiBafana. Ngithe uma ngitshela umama wami lokhu wavele wakhihla isililo ngenxa yenjabulo. Konke lokhu kwenza ngizimisele nakakhulu ukulisebenzisa ithuba lami uma ngilinikwa.
“Ngihlose ukwenza konke okusemandleni ukuthatha iso lawo wonke umuntu ozongibona,” kusho uDu Preez.