AMAZULU asengcupheni yokulahlekelwa ngunozinti uJean-Noel Amonome okuvela ukuthi isimcikile eyokuphendulwa isibukeli kuleli qembu.
U-Amonome (24) waseLibreville, eGabon, ujoyine Usuthu ngo-2018 esuka kwiFC 105 Libreville. Ngenxa yokushuba kombango wejezi, AmaZulu ambolekise kwiRoyal Eagles kwiMotsepe Foundation Championship ngo-2020.
Ngesizini ka-2020/2021 ubolekiswe kuThongathi oluyibamba kusona lesi sigaba esingaphansi kweDStv Premiership. Izinkinga zika-Amonome ziqhubekile kuMaZulu esebuya ekubolekisweni ngaphansi komqeqeshi uBenni McCarthy obeqoka ukuvimbisa uVeli Mothwa noma uNeil Boshoff osevimbela iRichards Bay.
Kwenzeke okufanayo sekuqeqesha uBrandon Truter ogcine ekhonjwe indlela. Kubukeka kumnyama namanje ku-Amonome ngaphansi kobuholi bukaRomain Folz ongayingeni eyokushintsha uVeli Mothwa.
Emuva kokushaya into ecokeme emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) evimbele iGabon ekuqaleni konyaka, bekunethemba lokuthi u-Amonome uzolidla ijezi kuMaZulu kodwa kwagcina kungenzekanga.
Leli phephandaba lithole ngomthombo osondelele no-Amonome ukuthi akazimisele ngokuyivuselela inkontileka yakhe naMaZulu ezophela ngoJuni.
"Usesithathile isinqumo sokuthi uyawashiya AmaZulu. Inkinga akhala ngayo ukuthi akadlali. Kodwa zikhona nezinye izinto anganeme ngazo. Uyalithanda iqembu kodwa ufuna ukudlala. Okwamanje iqembu alikayikhulumi naye eyenkontileka entsha kodwa akakufihli ukuthi ufuna ukuya lapho ezodlala khona," kusho umthombo.
U-Amonome uhambe eMzansi emasontweni adlule eyodlalela iqembu lesizwe kowobungani obukade udlalelwa eTurkey. IGabon ixebule iGuinea-Bissau ngo 3-1.
U-Amonome ebuzwa ngekusasa lakhe kuMaZulu, uthe: "Okwamanje ngiseqenjini lesizwe. Angikazi ukuthi ngizobuyela nini eNingizimu Afrika. Akukho engingakuphawula okwamanje ngendaba yenkontileka yami."
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe seziqalile izingxoxo nabadlali mayelana nezinkontileka ezintsha futhi no-Amanome ubalwa kulabo badlali.
Ngaphandle kukaMothwa, u-Amonome ubanga ijezi likanozinti no-Olwethu Mzimela osuka eqenjini leDStv Diski Challenge noSiyanda Khumalo.