ITHUBA labathandi bakanobhutshuzwayo baseThekwini namaphethelo lokukhombisa uthando lwabo ngeBafana Bafana selivulekile njengoba eseqalile ukudayiswa amathikithi okubuka leli qembu lesizwe liqala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
IBafana izokwamukela iBenin emdlalweni ka-Group C ngoNovemba 18 ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kufanele ukuthi likhulu ithemba kubaphathi beBafana lokuthi abalandeli bakule ngxenye yeNingizimu Afrika bazoqhubeka nokukhombisa ukuthi bayazifela ngonobhutshuzwayo okufakazelwa indlela adayiswa ubuthaphuthaphu ngayo njalo amathikithi emidlalo ethathwa njengemikhulu edlalelwa kule nkundla yodumo.
Amathikithi alo mdlalo aseyatholakala kwa-Ticketpro ngo-R50 awabantu abadala, nango-R20 kwawezingane ezineminyaka engaphansi kwengu-13 ubudala.
Indlela imidlalo yeBafana ebihanjelwa ngayo muva nje ikakhulukazi eGauteng, ibimshiya enamahloni umqeqeshi weBafana, uHugo Broos. Nokaputeni weqembu, uRonwen Williams naye uke wazwakalisa ukuphatheka kabi ngokudlala phambi kwezihlalo.
"Ayikho into ebuhlungu njengokuthi uyangena enkundleni uzama ukukhuthaza abadlali ngokubhekana neMorocco eyiqembu elinzima kunawo wonke e-Afrika, ufice kukhala ibhungezi enkundleni," usho kanje uWilliams emuva komdlalo weBafana neMorocco ngoJuni.
Emuva kokushaya udaka bebambana ne-Eswatini ngo-Okthoba khona belu eGauteng, uBroos uthe: "Mhlawumbe kufanele sibukwe izihlalo ngoba lo mbozo esiwudlalayo awufanele ukukhokhelwa imali ukuze ubukwe."
Lo mqeqeshi waseBelgium, uqhamuke esecula ingoma ehlukile ngesikhathi esechazwa abafana bakhe bebambela i-Ivory Coast esibayeni sayo.
"Sengijikile. Sengiyabacela abalandeli emdlalweni wethu olandelayo ngoba abafana badlale kahle kakhulu ekuhambeni ngaze ngabaxolela ngamacala abo adlule," kusho uBroos ngenyanga edlule.
Emuva kokushukana neBenin eThekwini, iBafana izovakashela iRwanda ngoNovemba 21 kuwona futhi oka-Group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ozobe use-United States of America, Mexico naseCanada ngokuhlanganyela ngo-2026.
UBroos uzosinciphisa kusasa isikwati sabangu-44 babe ngu-23 azodlala ngabo le midlalo emibili emqoka.