IMENENJA yoMvoti FC, uBongani Msomi, ithi ukuqasha umqeqeshi onamava okuqeqesha esigabeni sePremier Soccer League (PSL), u-Ayanda ‘Cobra’ Dlamini, kuyinkomba yokuthi abahlinisi amahleza ngezinhloso zokwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini.
Emuva kokuthi uDlamini, ekhonjwe indlela ngaMaZulu FC ekupheleni kwesizini edlule, uMvoti FC awupholisanga maseko ngokuhlala amagqozo ekusayiniseni lo mqeqeshi. Inhloso kwakuwukulungiselela ukuqala isizini ka-2023/24 yeSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, eqala namuhla.
UDlamini usizana noPhelelani “JJ” Mpangase, noLindokuhle Bhengu, abangamaphini akhe. UMpangase owazakhela igama esengumdlali emaqenjini ambalwa njengeSupersport United nePlatinum Stars eminyakeni edlule, ujoyine leli qembu maphakathi nesizini edlule njengenhloko yomqeqeshi.
UMvoti uvula isizini ngokubhekana ne-Ethekwini Coastal, namuhla ngo-3 ntambama eKing Edward Park, eGreytown,
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngoLwesine emcimbini wokwemukeliswa ngamajezi ebhola yiPrimo Sport, kwamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiSafa ABC Motsepe League, uthe bafuna ukunyukela esigabeni esingenhla ngokuphela kwesizini.
“Inhloso yokuqasha kwethu umqeqeshi onjengo-Ayanda Dlamini, icacile nje. Wukuthi sifuna ukunqoba iligi kule sizini, siye kodlala amaPlay-Offs sikhuphukele esigabeni seFirst Division.
“Siyakholelwa kuDlamni nethimba lakhe labaqeqeshi, abasizi bakhe uPhelelani Mpangase noLindokuhle Bhengu, futhi sizobeseka njengabaphathi beqembu ekufezekiseni inhloso yethu yokunqoba iligi kule sizini," kusho uMsomi.
Uqhube wathi iqembu abalihlanganisile kule sizini libunjwe ngabadlali abanamava, nabasebancane, ukuze libhalanse kahle.
“Ngingasho ngokungangabazi futhi ukuthi ukudlala kwethu kwiKZN Primo Cup size sifinyelele kowamanqamu, kulisize kakhulu ithimba lethu labaqeqeshi ukuvivinya nokuhlola kahle abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini."
Leli qembu laseGreytown, selifinyelele amahlandla amabili kumaPlay-Offs kazwelonke e-ABC Motsepe League, labuya nenduku yombangandlala, ngesizini ka-2019/20 nangesizini ka-2020/21.
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
Namuhla ngo-3pm:
Stream A:
Muzi King Masters v KwaDlangezwa Hellenic (KwaNgcendomhlophe Ground); Stonebreakers FC v Njampela FC (KwaMsani Stadium); Asande v Midlands Wanderers (KwaDukuza Stadium)
Stream B:
Remax Address Friends v Titanic FC (UKZN Sports Ground); Newcastle All Stars v Swayimane United (Arbor Park); Chess v UMkhambathi FC (OSizweni Stadium); UMvoti FC v Ethekwini Coastal (King Edward Park); UMsinga United v Drakensberg FC (Mzisho Stadium)