ABALANDELI be-Orlando Pirates egatsheni laseNtuzuma bafongqa isigqoko kusihlalo wabo, u-Irvin Khoza, ukuthi abasayinisele unyazi lomgadli, uFiston Kalala Mayele, waseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Bathi lokhu kuzosiza kakhulu ekutheni baqoqe kwasani ngesizini ka-2023/24, bangalandeli izithende zeMamelodi Sundowns.
Babe sebeveza ukuthi bacela uKhoza abasayinisele lolu nyazi lomgadli.
Igama likaMayele, obedlala kwiYoung Africans yaseTanzania, belihamba phambili.
“Njengoba ngesizini ezayo sifuna ukushanela kwasani, kuyasiphoqa ukuthi sithole unyazi lomgadli. Sonke sivumelana ngokuthi kulandwe uMayele. Siyazicelela kubaba uKhoza ukuthi asilandele yena,” kubeka uShandu.
Impelasonto okuphunywa kuyo bekungeyenjabulo kubalandeli beZimnyama eThekwini njengoba bebenza iziphihli zemicimbi yokubungaza impumelelo yangesizini edlule.
Iqembu labo linqobe inkomishi yeMTN8 neyeNedbank Cup.
Kweka-2023/24 lizophinde lidlale nakwiCaf Champions League ngenxa yokuthi lisonge edlule endaweni yesibili kwiligi.
NgoMgqibelo kuqale umcimbi wesifunda obuseVerulam. NgeSonto igatsha laseNtuzuma linikele KwaDukuza ukuyobungaza nomunye wabalandeli baleli qembu ongaconsi phansi, uMsobho Sithole.
Izindimbane zabalandeli nomphakathi wakuleya ndawo zifinye ngendololwane.
Ingxoxo ebisematheni kubalandeli bamaBhakhaniya ukuthi bafuna iqembu labo liphinde elakwenza ngo-2010/11 nango-2011/12 linqoba izinkomishi ezintathu isizini ngayinye.
UMayele, igama lakhe ebelindiza phambili nokuke kwavela ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs nayo iSundowns, uhehe amehlo abaningi esiza iqembu lakhe ukufinyelela kowamanqamu eCaf Confederation Cup ashaye amagoli ayisikhombisa kuyo.
Uphinde wasiza iYoung Africans ukunqoba isicoco seTanzanian Premiership.
UThabani Shandu, ongusihlalo wesifunda sabalandeli beZimnyama eThekwini, uthe bekubaphoqa ukuthi amagatsha abo enze imicimbi kwazise iqembu labo libabuyisele izinsuku zenjabulo.
Ubonge wanconcoza kuMsobho ngokweseka igatsha laseNtuzuma emcimbini obungeledlule.
UMsobho, obonakale evukwa umunyu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, uthe ngathi uyaphupha uma ebona ozakwabo begcwele endaweni yebhizinisi lakhe.
Uthe okumvusela ngomunyu wukuthi bajwayele ukuhlangana ngaleya ndlela uma bezobeka omunye wabo endaweni yokugcina.
“Ngesikhathi efika umqeqeshi wethu (Jose Riveiro) iningi lalithi akanamlando. Ngabaphendula ngathi usezoba negama njengoba esejoyine iqembu elinomlando njengePirates.
“Ngempela usezenzele igama. Ngesizini ezoqala sifuna izinkomishi ezintathu. Uma ngisenkundleni bengiphatha amathambo.
“Lokho ngeke ngisakwenza. Sengizokwaziwa ngokuphatha umshayelo. Uwuphawu lokuthi sizoqoqa konke,” kusho uMsobho.
UMduduzi Mdlalose, ongusihlalo wegatsha laseNtuzuma, ukhuthaze abalandeli ukuqhubeka nokweseka iqembu.