USHONE ezintangeni umqeqeshi weRoyal AM, u-Abram Nteo, ebuzwa ukuthi ngabe sekuwuye oshaya amaphiko ekucijeni leli qembu likaShauwn "MaMkhize" Mkhize.
NgeSonto, iThwihli Thwahla ishaye omkhaya bayo, Amazulu ngo-2-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseChatsworth Stadium. Ohlwini lwethimba labaqeqeshi bayo belingekho igama likaKhabo Zondo okwamenyezelwa ukuthi unamandla alinganayo nakaNteo ngesikhathi beqashwa ekuqaleni kwesizini.
UNteo ubebhalwe njengomqeqeshi weqembu kulolu luhla lwabadlali.
Abanye abebesebhentshini uPostnet Omony ocija onozinti, Thabo Maloko ongumqeqeshi we-conditioning noBusani Mabaso ongudokotela. Bekuwumdlalo wesibili uZondo engekho ebhentshini.
NakoweTS Galaxy wayengabonwa. Wagcina ukuba khona koweCape Town City kowokugcina ngonyaka odlule.
Kwenzeka lokhu nje, kuke kwavela ukuthi wehliselwe ekubeni inhloko yabaqeqeshi bezinkulisa zeThwihli Thwahla.
Ngeledlule, Isolezwe libuza uRichard Makhoba oyimenenja jikelele yaleli qembu ukuthi kungani uZondo ubengekho ebhentshini bedlala neGalaxy uthe: " UZondo usengumqeqeshi onamandla alinganayo nakaNteo. KoweGalaxy ubengekho ngenxa yezizathu ezithile.“
Ngemuva komdlalo wamaZulu, ebuzwa uNteo ukuthi ukujabulela kangakanani ukusebenza yedwa, uthe: "Ngisewumsebenzi weRoyal AM. Asilinde isitatimende esizoqinisekisa lokho okubuzayo. Angazi ukuthi abaphathi bazosikhipha nini (isitatimende). Bazosikhipha uma isikhathi sesifanele.“
Kula mazwi lo mqeqeshi uze walekelelwa wuSithembiso Hlongwane wozokuxhumana kwiRoyal AM, usho kanye noNteo wathi isitatimende sizophuma uma isikhathi sesifanele.
Mayelana nomdlalo waMazulu, uNteo, obechichima injabulo ebusweni uncome ukuzikhandla kwabadlali.
"Abafana bami badlale kahle kakhulu, bebebonakala ukuthi bafuna ukunqoba. Ingichazile indlela abebegijima ngayo nabashaye ngayo amagoli. Uma uzoqaphela emidlalweni edlule inkinga, ibisekuhlulweni ukushaya amagoli. Njengoba bese kuphele isikhathi eside sihlulwa amaphuzu amathathu, besikudinga ukunqoba kuMazulu. Bekuwumdlalo womkhaya, wonke umuntu uhlale efuna ukuwunqoba. Siya komunye womkhaya neMaritzburg United, kumele siqhubeke nokuzimisela. Kuzoba nzima kakhulu.“
Uqhube wathi basizwe ukwenza uguquko phambili. UNteo ubegadla ngoKhethukuthula Ndlovu noMotebang Sera ababengekho koweGalaxy.
"Sibafake laba ngoba sifuna ijubane phambili. Leli qhinga lisebenzile. Besazi ukuthi abadlali basemuva baMazulu kabanalo ijubane. Abafana bami ibhola balisebenzise kahle kulo mdlalo uma kuqhathaniswa neyedlule," kubeka uNteo. IThwihli Thwahla neTeam of Choice bazobhekana ngeSonto, eHarry Gwala Stadium ngo-5.30 ntambama.