NAKUBA ziqaqamba izinhliziyo zabalandeli beMaritzburg United ngokufudukela eThekwini kodwa bathi basazoqhubeka nokuleseka.
I-United isezinhlelweni zokushintsha igama yaziwe ngeDurban City ngesizini ezayo njengoba isinqume ukuzinza eThekwini, isuka eMgungundlovu.
Kuvele ukuthi leli qembu, eliyibamba kwiMotsepe Foundation Championship, lizoyibambela eChatsworth Stadium eThekwini imidlalo yalo yasekhaya.
Umdonsiswano obusudonse isikhathi eside phakathi kwe-United nobuholi bukaMasipala uMsunduzi ngendaba yokusetshenziswa kwenkundla, iHarry Gwala Stadium, eseMgungundlovu, yiwona obukeka ube yimbangela enkulu yokufuduka kwaleli qembu.
Waqala ngemuva kokugawulwa yizembe kwaleli qembu kwiPremiership ekupheleni kwesizini ka-2022/2023, lehlela kwiChampionship, ngemuva kwalokho ayabe isakwazi ukusebenzisa iHarry Gwala Stadium.
IHarry Gwala isisetshenziswa yiRoyal AM edlala kwiPremiership okuyiyona eyaba nesivumelwano noMasipala uMsunduzi ngokusebenzisa le nkundla ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.
I-United, okwabe sekuvela ukuthi ayisavunyelwe ukudlala kule nkundla, yabe isisebenzisa iSugar Ray Xulu Stadium eseClermont, eThekwini, ngesizini edlule emidlalweni yayo yasekhaya.
UPam Ntuli, ongumlandeli oqavile we-United, uphefumule ngokukhathazeka kwabo njengabalandeli ngokufudukela kweqembu eThekwini.
“Angifuni ukuqamba amanga izinhliziyo zethu ziyaqaqamba, sibuhlungu kakhulu ngalesi simo esenzekayo njengamanje.
Noma-ke kunjalo ayikho into esingayenza, asinawo amandla uma isinqumo sesithathiwe. Kumele samukele noma kubuhlungu. Okwenzeka kwiMaritzburg kuyafana nokuxoshwa ekhaya. Akekho umuntu okufanele axoshwe ekhaya,” kusho uNtuli.
Ebuzwa lo mlandeli ukuthi ngabe ukufudukela kwaleli qembu eThekwini kuyobe sekusho ukuliduba kwabo yini, uthe bayofa lapho lifa khona.
“Ngeke silidube iqembu ngoba siyasazi isizathu esiholele ekutheni usihlalo wethu, uFarouk (Kadodia), aze athathe isinqumo sokulifudukisa. Noma kunzima, ngeke siyeke ukuleseka iqembu. Siyofa lapho lifa khona. Nangesizini edlule besileseka lidlala eSugar Ray, sibuyela emakhaya ngo-12 phakathi kwamabili.”
UKadodia ukuqinisekisile ukuthi iqembu liphezu kwezinhlelo zokushintsha igama.
“Impela siphezu kwezinhlelo zalokho kodwa kuzoncika ekutheni iPSL ikuphasisa nini ukushintshwa kwegama. Lesi sinqumo sokuyisa iqembu eThekwini bekungelula neze ukusithatha. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu futhi ngiyazwelana kakhulu nabalandeli ngoba ngiyalwazi uthando abanalo ngaleli qembu.
Besekuphele iminyaka eminingi leli qembu likhona eMgungundlovu, kusukela ngathenga isitifiketi sePremiership kwiTembisa Classic (ngo-2005).
Manje asisafunwa uMasipala uMsunduzi ngenxa yokudliwa kwethu yizembe kwiPremiership. Lokhu akuhlukile nokuxosha ingane ngoba ifeyile u-matric,” kusho uKadodia okugcizelele ukuthi ukufudukela kwabo eThekwini akuhlangene nokuthola abaxhasi.
“Cha, asikabi nabo abaxhasi. ISugar Ray siyiyeke ngoba isimo sayo asigculisi, ikakhulukazi uma kunemvula, okuyingakho-ke sithathe isinqumo sokusebenzisa iChatsworth.”