ISITOBHA seKaizer Chiefs saseMozambique, u-Edmilson Dove, sizethwese ijoka lokuqinisekisa ukuthi abadlali abasha bazizwa besekhaya ngokushesha ngoba kule sizini ezoqala yeDStv Premieship, ngeke libekhona ithuba lokucasha ngesithupha.
Amakhosi asenamasonto amathathu ebuyele ekuziqeqesheni anemidlalo emibili emqoka namaqembu ahlonishwayo e-Afrika ngenhloso yokunika umqeqeshi omusha, uMolefi Ntseki, ithuba lokubabona besemdlalweni abafana bakhe.
IChiefs izoqala ngeYoung Africans SC, yaseTanzania ngoMgqibelo lapho izobe ibhekene khona nomdlali wakuleli osanda kusayina kwiYanga, uMahlatsi Makudubela, obekwiMarumo Gallants.
UMakudubela oseke wadlala kwi-Orlando Pirates nakwiLamontville Golden Arrows, wethulwe njengomdlali omusha yilabo mpetha beligi yaseTanzania, abaqede endaweni yesibili kwiCaf Confederation Cup ngesizini edlule.
Emuva kwalo mdlalo weChiefs neYanga ongo-7 ebusuku, eBenjamin Mkapa Stadium, eDar es Salaam, iChiefs izobhekisa amabombo eBotswana lapho izozwana khona amandla nezinkunzi zakhona iTownship Rollers.
Lo oweRollers uzobe ungoJulayi 29 eNational Stadium, eGaborone.
UDove obekhuluma nethimba leChiefs labezindaba ekhempini ebiseMbombela, eMpumalanga, uthe kungumsebenzi wabo njengabadlali abadala eqenjini ukuqinisekisa ukuthi abafikayo bangena ngokushesha endleleni yokwenza izinto yeChiefs ngoba ngesizini ezoqala banengcindezi yokuguqula izinto.
“Kumqoka ukuthi abadlali abafikayo sibenze bazizwe beyingxenye yeqembu ngokushesha ngoba lokhu ikhona okuzokwakha ubumbano esiludingayo njengoba kuzoqala isizini entsha,” kusho uDove ekhasini le-You Tube laMakhosi.
“Okumnandi ukuthi akunzima ukubajwayela nokubajwayeza ngoba iningi labo abadlali esazanayo nalo ngenxa yokubhekana emidlalweni yeligi.
“Konke kuyajwayeleka ngakho-ke likhulu ithemba lokuthi izinto zizojika kusukela manje kuya phambili. IChiefs iqembu elikhulu elihamba nesisindo okufanele sihlonishwe.
“Le sizini esizoyiqala kumqoka kakhulu ukuthi sibumbane kuyona ngoba simelwe ukufaka okuthile ekhabetheni lezinkomishi leChiefs,” kuphetha lesi sitobha esike sagqama nakwiCape Town City.
Kusukela kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali iChiefs isisayinise, uRanga Chivaviro, obekwiGallants, Pule Mmodi, obekwi-Arrows, Given Msimango obedlala kwiTS Galaxy, Edson Castillo, waseVenezuela, Thatayaone Ditlhokwe, obekwiSuperSport United, Mduduzi Mdantsane obedlala kwiCity noTebogo Potsane obedlalela iRoyal AM.