IPHINI lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uDillon Sheppard, lithi iCasric Stars kayiyona neze incwadi evaliwe kubona, ngakho bayakwazi abakulindele kuyo emdlalweni weNedbank Cup namuhla.
IChiefs izotholana phezulu neCasric Stars emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup, eFNB Stadium, eGoli, namuhla ngo-6 ntambama.
USheppard usho kanjena nje iChiefs inabadlali ababili ebabolekise kwiCasric kule sizini abadlala njalo, uKeletso Sifama noSibusiso Milazi.
Lo mqeqeshi uthi njengoba belandela ukwenza kwalaba badlali ekudlaleni kwabo, lokhu sekubanike nethuba elihle lokubuka eminye yemidlalo yaleli qembu abazobhekana nalo emdlaleni weNedbank Cup.
"Sinabadlali bethu, uSifama noMilazi esibabolekise kwiCasric, ngakho-ke njengoba silandela ukwenza kwabo emidlalweni abayidlalayo, lokho kube sekusinika ithuba lokuthi sibuke eminye yemidlalo yabo (kwiCasric).
Ngaleyo ndlela-ke sinalo ulwazi ngohlobo lweqembu esiyobhekana nalo.
Kodwa-ke yize sinalo ulwazi ngabo, okumqoka kakhulu kithina yindlela esiwulungisele ngayo lo mdlalo, okumele siwunqobe, sedlulele kuma-quarterfinal."
ICasric Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship, ibalwa namaqembu adlala kahle kule sizini futhi iphakathi kwamaqembu asembangweni wesicoco seligi njengoba isendaweni yesithathu kwi-log yalesi sigaba.
Amakhosi anenselelo yokuqeda ishobolo lokumiswa kabi ngamaqembu asezigabeni eziphansi kulo mqhudelwano weNedbank.
Ngo-2019 ahlulwa yiTS Galaxy ngaleso sikhathi eyayidlala kwiFirst Division kowamanqamu eNedbank Cup.
Kwayiphinda nango-2021 iwashiswa ijezi yiRichards Bay FC nayo eyayidlala kwiFirst Division ngaleso sikhathi, kwiLast 32.
Ebuzwa uSheppard ngaleli shobolo lezakhe, uthe: "Sisenabo abadlali ababeyingxenye yeqembu (leChiefs) ababekhona sidlala neTS Galaxy neRichards Bay. Kodwa okubaluleke kakhulu kithina wukungazikhathazi kakhulu ngosekwadlula, sigxile kokwamanje."
Imdlalo yeNedbank Cup:
Namuhla-Ngo-3pm:
TS Galaxy v Stellenbosch FC (Mbombela Stadium)
Ngo-6pm:
Kaizer Chiefs v Casric Stars (FNB Stadium)