UNOZINTI weCasric Stars, uLudwe Mpakumpaku, uthi yena nozakwabo sebephupha ngokuzibona bedlala esigabeni seDStv Premiership ngesizini ezayo okuyingakho sebezibophezele ngokufela enkundleni kule midlalo emibili yokugcina yeMotsepe Foundation Championship abazoyidlala.
UMpakumpaku (29), osengumakadebona esigabeni seMotsepe Foundation Championship, usho kanjena nje, ezakhe yizona ezisahlezi phezulu kwi-log yalesi sigaba nokuzibeka ethubeni lokunqoba isicoco seligi bese zenyukela kweseDStv Premiership.
ICasric izotholana phezulu neVenda Football Academy, eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga, namuhla ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseMpumalanga liwadinga ephelele amaphuzu kulo mdlalo wanamuhla neVenda, nakolandelayo ne-All Stars ukwenza isiqiniseko sokuthi lingena ligijima kwiDStv Premiership, eliphefumulelwa emhlane yiCape Town Spurs.
Njengoba iCasric inamaphuzu angu-54, iSpurs isezithendeni zayo ngamaphuzu angu-53, lokho okusho ukuthi kule midlalo emibili esalele la maqembu kusengenzeka noma yini.
“Siyayiqonda inselelo esibhekene nayo kule midlalo emibili esisalele. Kodwa esesizibophezele ngakho kuyona yomibili le midlalo esiyoyidlala esifana neyamanqamu, wukuthi silwe njengamasosha sifele enkundleni sibuye nawo ephelele amaphuzu,” kusho uMpakumpaku.
Eqhuba, uthe balindele umdlalo onzima kwiVenda, ikakhulukazi njengoba iza kuwo inokuzethemba emuva kokushaya iCape Town Spurs esibanga nayo iligi.
Kodwa-ke sinalo iqhinga lokuyibamba futhi sizimisele ngokulwa ngayo yonke indlela ukulwela ukubuya nawo ephelele amaphuzu kulo mdlalo ikakhulukazi njengoba kungumdlalo wethu wokugcina wasekhaya.”
ISpurs esizikhotha amanxeba, nesiqeqeshwa wuShaun Bartlett, ezodlala neNB La Masia, eDobsonville Stadium, eSoweto, namuhla ngo-3 ntambama.
Lokhu sekuqongise ingcindezi kuleli qembu laseKapa ngokuthi liyinqobe yomibili le midlalo esele okubalwa nowokugcina ezowudlala ne-University of Pretoria, bese lithandazela ukuthi izimbangi zayo iCasric zikhubeke.
Kanti iPolokwane nayo elahle amaphuzu ngeledlule ishaywa uThongathi FC ngo-1-0 ngeledlule, yize isenethuba lokuphendula amatafula kodwa amathuba ayo okunqoba isicoco seligi aseyamfimfa.
Izodlala nePlatinum City Rovers, e-Olen Park, ePotschestroom, namuhla ngo-3 ntambama. Kuthi kowokugcina ngesonto elizayo, idlale nePretoria Callies.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla ngo-3pm:
Pretoria Callies v JDR Stars (TUT Stadium); NB La Masia v Cape Town Spurs (Dobsonville Stadium); Magesi v Uthongathi FC (Old Peter Mokaba Stadium); Platinum City Rovers v Polokwane City (Olen Park); University of Pretoria v TTM (ABSA Tuks Stadium); Casric Stars v Venda FC (Solomon Mahlangu Stadium); Black Leopards v All Stars (Thohoyandou Stadium); Baroka FC v Hungry Lions (Baroka FC Village)