UNETHEMBA lokuthi bazothola umphumela ozobayisa emzuliswaneni olandelayo uma sebedlala umlenze wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela ama-Olympic neDemocratic Republic of Congo unozinti weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uKaylin Swart.
La maqembu azotholana phezulu e-Orlando Stadium ngoMsombuluko ngo-4 ntambama ngemuva kokuthi edlale ngokulingana ngo 1-1 emlenzeni wokuqala eStade de Martyrs, eKinshasa, ngoLwesithathu.
IBanyana ibuye ngesiwombe sesibili ngegoli likaThembi Kgatlana ngemuva kokuthi uGrace Mfwamba ebeke iqembu lasekhaya phambili sesiyophela esokuqala.
USwart, ogxekwe ngabalandeli ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi elakuleli lidlala eNdebeni yoMhlaba maphakathi nalo nyaka, uke walitakula kunzima iqembu lakuleli evimba amabhola amabili abeyingozi, nabezokwenza libhekane nomqansa uma selidlalela ekhaya.
“Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukusiza iqembu. Sonke siyazi ukuthi akulula ukudlala e-Afrika kodwa futhi kusobala ukuthi sidlalela into enkulu. Sifuna ukungena kuma-Olympic kwazise asikwazanga ukwenza lokho kulawa edlule. Ngicabanga ukuthi silwe kahle ngesiwombe sesibili sakha inqwaba yamathuba ebesingawasebenzisa nakuba besibhekene nezimo ezinzima,” kusho uSwart.
“Uhambo oluya e-DRC belungelula kodwa lokho akuzona izaba. Siyazi okufanele sikwenze emlenzeni wesibili, ngethemba nokuthi wonke umuntu ufunde izifundo ezibalulekile emlenzeni wokuqala. Siyethemba siwasebenzise wonke amathuba esiwatholayo.
“Beyinkulu ingcindezi kithina kodwa kumele ngincome abadlali abancane abebedlala emuva. Bangenze ngaziqhenya ngendlela abalwele ngayo wonke amabhola bebhekene nabadlali abanamandla kakhulu.
“Sisengaphansi kwengcindezi, singompetha base-Afrika futhi wonke amaqembu afuna ukusihlula. Sidinga nje ukukhuphula amasokisi futhi sibonise ukuthi kungani siyiqembu eliphezulu. Siyazi bazophinde basihlasele ekhaya kodwa ngicabanga ukuthi sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu abangasiyisa emzuliswaneni olandelayo.”
IBanyana idlale umlenze wokuqala bengekho oBongeka Gamede, Linda Motlhalo, Jermain Seoposenwe nabanye abagqamile ngesikhathi leli qembu lifinyelela kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba.
UMotlhalo akadlalanga ngenxa yokuthi ufike kamuva ekhempini, kanjalo nomdlali ozinze e-England, uNokuthula Faith. USeoposenwe, obesuka eMexico, uzohlangana neqembu eNingizimu Afrika ngaphambi komlenze wesibili, kanjalo noGamede osale ngemuva ngenxa yokuthi ubeqedela izivivinyo.
Umqeqeshi, uDesiree Ellis, ulindele ukuthi ukubuya kwalaba badlali kuzoliqinisa iqembu. Njengoba IBanyana ithole igoli ekuhambeni kuchaza ukuthi iDRC nayo kumele ithole okungenani elilodwa e-Orlando Stadium ngoMsombuluko ukuze izibeke ethubeni lokudlulela emzuliswaneni wesithathu wokuhlungela ama-Olympic azobanjelwa eParis ngonyaka ozayo.
“Sithole igoli ekuhambeni kodwa ngicabanga ukuthi besingawashaya namanye. Kuningi okumele sikulwele ekhaya. Sibe nethuba elilodwa lokuzilolonga ndawonye ngaphambi komlenze wokuqala futhi ngiyaziqhenya ngendlela abadlali abazinikele ngayo,” kusho u-Ellis.
“Sishintshe abadlali emuva sasebenzisa abancane. Ikusasa libukeka lilihle kodwa usemningi umsebenzi okufanele wenziwe. Umlenze wesibili kuzoba omunye umdlalo onzima kodwa ngicabanga ukuthi singadlala kangcono kunalokhu esikwenze kowokuqala.
“Kufanele sisebenzise amathuba ukuze senze isiqiniseko sokuthi siyanqoba. Sidinga ukuya kulo mdlalo namaqhinga afanele futhi siwalandele enkundleni.”