Sebeqalile ukuqopha amarekhodi amasha kuma-European Championships omakadebona abadlalela iqembu lesizwe lasePortugal, uPepe, noCristiano Ronaldo.
UPepe uqophe irekhodi lokuba ngumdlali omdala kunabo bonke ukudlala kulo mqhudelwano ngesikhathi benqoba iCzechia ngo 2-1 ngoLwesibili.
Le sitobha sidlale sineminyaka engu-41 nezinsuku ezingu 113, siphula irekhodi likanozinti waseHungary, uGábor Király owayeneminyaka engu-40 nezinsuku ezingu-86 ngesikhathi edlalela izwe lakhe ngo-2016.
UPepe kusabhekwe ukuthi aqhubeke nokulinweba leli rekhodi njengoba umqhudelwano usaqhubeka. Umdlalo wabo neCzechia uwuqale waphinde wawuqeda, okukhombisa ukuthi usengomunye wabadlali abamqoka kuleli qemu elicijwa nguRoberto Martinez.
Akhona namanye amarekhodi asengawaphula njengokuba umdlali omdala kunabo bonke ukubhakuzisa inethi kulo mqhudelwano, umdlali omdala kunabo bonke ukudlala kowamanqamu noma ukudla isicoco nokunye.
Khonamanjalo, uzakwabo uCristiano Ronaldo naye uqophe irekhodi elisha lokudlala imiqhudelwano ye-Euro eminingi kunabo bonke abadlali.
URonaldo usedlale kuma-Euro ayisithupha selokhu abonakala kweyokuqala eyayisezweni lakhe ngo-2004. Abadlali asebedlale kuma-Euro amahlanu nguPepe noLuka Modric waseCroatia.
URonaldo kusabhekwe ukuthi aphule inqwaba yamarekhodi, iningi lawo eliphethwe nguyena vele, njengokushaya amagoli amaningi emincintiswaneni ehlukene ye-Euro, lapho ehamba phambili ngamagoli angu-14.