UHALALISELWE ngabanye abaqeqeshi ngobungqwele bakhe uPitso Mosimane, ogile izimanga ngokukhuphula i-Al Ahli SFC, ayifake kwiSaudi Professional League, eSaudi Arabia.
Izolo uMosimane uphanyeke ekhasini lakhe leTwitter ethi: “Umsebenzi ufeziwe, ivuswe ezinyangeni eziyisishiyagalombili ingqomondo ekade ilele. Ezweni elisha, ezwenikazi elisha, kwenye iligi. Ngesi-Arab bathi ‘Khalsa! okusho ukuthi kufeziwe. Ngiyabonga Jeddah ngokungithemba ngalo msebenzi onzima kangaka. Salute”
Uhaliliselwe ngabanye abaqeqeshi okubalwa kubo uGeoffrey Toyana, ocija i-Easterns edlala kwi-division 2 kwikhilikithi noweBanyana Banyana, uDesiree Ellis osanda kuhlonishwa nge-Order of Ikhamanga.
Akashayanga ngamaningi uToyana, oqophe umlando eminyakeni edlule eba ngumqeqeshi wokuqala ongumu-Afrika ukucija iqembu elidlala esigabeni esiphezulu sekhilikithi. Ubize uMosimane ngenkakha.
U-Ellis, oya kwi-2023 Fifa Women’s World Cup neBanyana ngoJulayi kuya ku-Agasto e-Australia naseNew Zealand, uthe: “Siyakubongela mqeqeshi. Uyasikhuthaza sonke.”
Akugcinanga ngalaba baqeqeshi, kwazise nenkakha yeBanyana u-Amanda Dlamini ayisalanga ngaphandle.
“Siyakubongela mqeqeshi. Kufezwe ngobukhulu ubuyoninco. Sikhuthazekile impela. Uhambo lweqophelo,” kuloba uDlamini, obengukaputeni iBanyana izibekisela indawo iphinde idlala okokuqala kuma-Olympics ngo-2012.
Ngokunyukela kwiProfessional League, i-Al Ahli kaMosimane isizobanga ne-Al Nassr okudlala kuyo insephe yasePortugal, uCristiano Ronaldo.
UMosimane uqashwe kuleliya lizwe esuka kwi-Al Ahly yase-Egypt, anqobe nayo iligi neCaf Champions League wayibeka nasendaweni yesithathu kwiFifa Club World Cup.
Impumelelo yaseSaud Arabia kuMosimane, iqhakambisa ubungqwele bakhe kwazise sekuyizwe lesithathu elihlukile ukuthi adle ubhedu kulo.
Ubungqwele ubuqale ekhaya eNingizimu Afrika.
Kwenzeka lokhu nje, abantu basalokhu beqhubekile nokumatanisa lo mqeqeshi neKaizer Chiefs esezandleni zenye inkakha, u-Arthur Zwane.
UZwane ukwesizini yokuqala njengenhloko yabaqeqeshi kwiChiefs.
IChiefs iqeda isizini yesishiyagalombili isizwa ngendaba isicoco.
Kungenzeka ngesizini ezayo uMosimane noRonaldo bajoyinwe nanguLionel Messi okuvela ukuthi elinye iqembu laseSaudi Arabia, i-Al Hilal limfuna uthuli.