ISIKHULU esiphezulu seCape Town Spurs, u-Alexi Efstathiou, siveze ukuthi basazombekezelela umqeqeshi, uShaun Bartlett, ongakanqobi nowokubika umdlalo kwiDStv Premiership.
ISpurs ingene kwiPremiership emuva kokuwina imidlalo yokuhlunga isuka kwiMotsepe Foundation Championship. Ukubophela kwayo inqwaba yabadlali abadlalile kwiPremiership nabasebancane abakhombisa ikhono kwenze iningi lalindela lukhulu kuyona esigabeni esiphezulu.
Nokho itshe ligaya ngomunye umhlathi njengoba iSpurs ingayazi iwini emidlalweni emine esayidlalile kwiPremiership. Ingenelwe ngamagoli ayisikhombisa, yashaya elilodwa kuphela. Leli goli, elishaywe nguKhaya Mfecane, libe wumthobanhliziyo ngesikhathi behlulwa yiPolokwane City ngo 3-1. ISpurs isemsileni we-log yePremiership.
"Kunezindawo okufanele sizilungise eqenjini. Bekuvele kulindelekile lokhu okwenzekayo. Kufanele siqinise ezindaweni ezithize esikimini sethu. Sinabadlali abasishayele amagoli angu-27 sebehlangene ngesizini edlule. Uma sithi sesikwesinye isigaba manje, kufanele okungenani basishayele uhhafu walawo magoli. Kusezandleni zabo ukuthi banyuse ukuzethemba," kusho u-Efstathiou.
Mayelana noBartlett, uthe: "Ngicabanga ukuthi eNingizimu Afrika yinto yokuqala eyenziwayo uma izinto zibhimba eqenjini, ukuxosha umqeqeshi. Kufanele sibekezele. Siyakholelwa kuyena. Sizokwenza lokho kuze kuba silungisa lokhu okufanele sikulungise eqenjini. Ngaso sonke isikhathi kukhonjwa umqeqeshi kodwa nabadlali kumele bavume uma bengenzi kahle kanjalo nabaphathi."
Ekuqaleni kwesonto iSpurs ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi nakuba imiphumela iphika kodwa iyameseka ngokugcwele uBartlett. Yanxusa ukuthi abantu bakuhloniphe lokho futhi bayeke ukwenza izitatimende kwabezindaba ngenhloso yokuzihlomulisa bona.
Okugqamile emidlalweni yeSpurs wukuba buthuntu kwabadlali baphambili. Nakuba u-Efstathiou engagxilanga ezindaweni abafuna ukuziqinisa kodwa ukuvezile ukuthi bayabadinga abagadli. ISpurs isathembele ku-Ashley Cupido, oyishayele inqwaba yamagoli ngesizini edlule, noLuvuyo Phewa emboleke kwiMamelodi Sundowns.
"Sihlala sibathungatha abagadli. Uma unenhlanhla uyabathola. UShaun udinga isixazululo. Sidlala kahle, inkinga iphambili uma sekufanele siqedele amathuba esiwakhayo. Emidlalweni ezayo kufanele siqale ukuqoqa amaphuzu," kusho u-Efstathiou.
Namuhla iSpurs izovakashela iMoroka Swallows kowePremiership eDobsonville Stadium, eSoweto, ngo-7.30 ebusuku.