UKUGINGQA iLamontville Golden Arrows kabili kule sizini kowabakhaya baseThekwini, yikho kanye okukhuthaza AmaZulu FC ngaphambi komunye umdlalo omqoka wokusonga isizini yeDStv Premiership.
Lona wumbono womdlali wasesiswini kuMaZulu FC, uMlondi “Cheese” Mbanjwa, omunye wabazobe bebhekiwe emdlalweni wabakhaya. Kuzoba wumdlalo wokuvala isizini yeDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo wanamuhla ufaniswa nowamagqubu ngoba AmaZulu aseyithele uthulini kwaze kwaba kabili i-Arrows, kule sizini.
Ayibhaxabule ngo 3-0 emdlalweni weCarling Knockout ngoNovemba 4, ayinqoba ngo 3-1 kowePremiership ngoNovemba 12 eHammarsdale.
“Ukubashaya kwethu (abe-Arrows) emidlalweni emibili esiyidlale nabo kule sizini kuyasikhuthaza, kusenza sibe nokuzethemba njengoba siyodlala nabo futhi kowabakhaya.
“Yize kunjalo kodwa siyazi ukuthi ngeke kube ngumdlalo olula futhi-ke nomqeqeshi wethu uhlale egcizelela ukuthi kufanele siyithathe njengebalulekile imidlalo yabakhaya.
“Nakho ukunqoba kwethu kwiSekhukhune emdlalweni esigcine ukuwudlala kulenyusa kakhulu izinga lokuzethemba kithina ngaphambi komdlalo wethu neGolden Arrows,” kuchaza uMbanjwa.
Ngeledlule Usuthu luguqise iSekhukhune United ngo 1-0 wegoli likaTshepang Moremi, lwaxaxamela endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership. Lwehlukaniswe ngamagoli kuphela neKaizer Chiefs esendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-36.
AmaZulu, aqeqeshwa nguPablo Franco Martin, abebhala ecisha kule sizini esisongwa. Lokhu kuwenze alahla amaphuzu amaningi kungenasidingo ikakhulu ngomzuliswano wesibili wesizini.
Nokho, emidlalweni embalwa yakamuva akhombise ukuvuka emaqandeni. Nakuba eguqiswe yiRichards Bay ngo 1-0 kowabakhaya kodwa emidlalweni emihlanu yakamuva yePremiership, Usuthu lunqobe emibili, lwadlala ngokulingana kwemibili, lwahlulwa kowodwa.
“Ngicabanga ukuthi sidlale kangcono ngomzuliswano wokuqala wesizini kodwa ngomzuliswano wesibili sawulahla umgqigo. Nokho, manje sesiqalile futhi ukuwubamba umgqigqo njengoba singakahlulwa emidlalweni emine yakamuva.
“Into esiyikhulumayo njengamanje singabadlali ukungena kwiTop 8, esikholwa wukuthi sisenalo ithuba lokukwenza lokho.”
Nokho, ukuzibekisela koSuthu indawo kwiTop 8 kuncike emphumelweni womdlalo weKaizer Chiefs neCape Town Spurs, iPolokwane City neTS Galaxy noweChippa United neSekhukhune.
Kanti naBafana Bes’thende basengangena ngentuba uma bengaguqisa Usuthu kowanamuhla womkhaya, bese iChippa, iChiefs nePolokwane belahla amaphuzu.