IMENENJA ephethe izindaba zikaThemba "Mshishi" Zwane 35 icela abalandeli beMamelodi Sundowns behlise amaphaphu ngokuvuselelwa kwenkontileka yakhe ngonyaka.
Ngesikhathi amaBrazilians ememezela lezi zindaba emakhasini awo ezokuxhumana, kube nokudangala kwabanye abalandeli bawo.
Ekhasini leSundowns, kwiFacebook, uMpumelelo Ndondo, uthe ubukho ubulungiswa, uZwane ufanelwe iminyaka emibili.
Kunanele uThulani Shabangu, othe:" Bekumele inkontileka kaZwane unyuswe ngeminyaka emibili kuya kwemithathu. Noma ubengangadlala eminyakeni yokugcina kodwa ubezoba usizo kubadlali abasebencane abanjengoSiyabonga Mabena.
Kwele-X (Twitter), uGubs ubeke sakubhuqa wathi: "Angazi, kodwa ukunika insephe yethu unyaka owodwa kuzwakala njengokungayihloniphi.“
UNare Morena ubuze ukuthi kungani uZwane enikwe unyaka owodwa.
" UFlemming (uBerg) kumele ahloniphe umdlali wethu,“ kusho uMorena.
UZwane (35) ungomunye wabadlali ababelokhu begqamile empumelelweni yaleli qembu kumasizini edlule.
UJazzman Mahlakgane oyimenenja yakhe, utshele Isolezwe ukuthi nakuba bebethanda ukuthi inkontileka ivuselelwe ngesikhathi eside kodwa ukunikwa eyonyaka akusho ukuthi sekonakele.
Uthe abakhululeke abalandeli balo mdlali nabeSundowns, usazoqhubeka nokuhlala eChloorkop.
"Phansi amaphaphu kubalandeli beSundowns, uMshishi usazoba ngowabo isikhathi eside. Ukunikwa inkontileka yonyaka akusho ukuthi useyophuma ngesango. Yebo iminyaka yakhe isihambile. Nakuba kunjalo wonke umlandeli webhola uyabona ukuthi usadlalisa okomfana omcane. Kubhekwa izinto eziningi uma kukhulunywa izindaba zezinkontileka," kubeka uMahlakgane.
Uqhube wathi: "Angingabazi ukuthi nakule sizini uMshishi uzoba ngomunye wabadlali ababalulekile empumelelweni yeSundowns. Sonke siyabona ukuthi usekhona ezinhlelweni zabaqeqeshi."
Ngempelasonto edlule iSundowns idlulele kweyandulela eyamanqamu eMTN8, ishaya iPolokwane City kowama-quarterfinal.
Ngemuva kwalo mdlalo, inhloko yabaqeqeshi, uManqoba Mngqithi, itshele abezindaba ukuthi akukho okubi ngokuvuselelwa kwenkontileka kaZwane ngonyaka.
“Abadlali ikakhulukazi abamqoka njengaye bathanda ukunikwa iminyaka emine bese beyanethezeka eqenjini. Angingabazi ukuthi uZwane uzoba omunye wabazikhandla ukubedlula bonke. Udaliwe, uyawuhlonipha umsebenzi,” kusho uMngqithi.
UZwane selokhu afika eChloorkop ngo-2011, ephuma kwiVardos FC yangakubo eTembisa.
Ngo-2013/14 wabolekiswa kwiMpumalanga Black Aces, wabuyiswa ngo-2015. Ngonyaka owalandela wanqoba neSundowns inkomishi yeCaf Champions League.
Ngo-2017 uphakamise eyeCaf Super Cup. Kukhona neseligi amahlandla ayisishiyagalolunye, eseNedbank Cup kathathu neseTelkom Knockout kabili.
Ngesizini ka-2019/20 ukhale wemuka nomklomelo wePSL Footballer of the Season, Player's Player of the Season noweMidfielder of the Season.Nasemcimbini weqembu lakhe wanqoba oweMamelodi Player nowePlayer's Player of the Season.