UMQEQESHI weqembu lesizwe eBrazil, uDorival Junior, useveze ukuthi lesi yisikhathi esinzima kubadlali njengoba kumele babhekane nokulahlwa amacala okudlwengula kukaRobinho noDani Alves, abake bayibamba kwelesizwe.
Iqembu lesizwe leBrazil nenhlangano eyengamele ibhola kuleliya lizwe bese begxekwa ngokungathi vu ngamacala abucayi abebekwe laba badlali.
URobinho oweyengumgadli, usesiqalile isigwebo seminyaka eyisishiyagalolunye eBrazil kulandela ukuba yingxenye yeqoqo eladlwengula owesifazane ngo-2013 e-Italy.
U-Alves usanda kugwetshwa iminyaka emine nohhafu ngokudlwengula owesifazane endaweni yobumnadi, eSpain ngo-2022.
“Njengomqeqeshi weqembu lesizwe, ngiphoqelekile ukuthi ngikhulume,” uDorival ucashunwe yi-AFP esho kanje ngaphambi komdlalo wobungani ne-England obungoMgqibelo, eWembley.
“Okokuqala, ngicabanga ukuthi yisimo esibucayi. Ngicabanga imindeni, ikakhulukazi eyezisulu ethintwa yila macala mihla namalanga ezweni lethu nasemhlabeni wonke.
UDorival uthathe izintambo zokuqeqesha iBrazil ngoJanuwari. Uthe isimo sikaRobinho ayemqeqesha kwiSantos yaseBrazil, yisona esimzwisa ubuhlungu kakhulu.
“Sekuveziwe ukuthi kukhona icala elenzeka. Kumele ajeziswe noma ngabe kuyayikhubaza inhliziyo yami ukusho into ekanje ngomuntu engibe nobudlelwano obuhle naye. Angizange ngilithole ithuba lokusebenza noDaniel kodwa engikwaziyo okusebholeni. Yisikhathi esinzima kithina sonke ukuthi siveze imizwa yethu ngalesi simo.”
Uqhube wathi: “ Kodwa ngizwelana kakhulu nezisulu, nemindeni. Ngiyabazi ubuhlungu ababhekena nabo. Engingakwenza wukuthandaza nabo, akukho okunye.”
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu, iBrazilian Football Confederation, ichaze la macala “njengehlazo”, yathi yeseka abayizisulu.
Umengameli wayo, u-Ednaldo Rodrigues, uthe emphakathini kumele kulwiswane, hhayi nodlame locansi kuphela kodwa nazo zonke izinhlobo zodlame.
UDanilo obegqoke ibhande lobukaputeni leBrazil, uthe kumele abadlali, ikakhulukazi abasebancane, bafunde ukuzwelana nabesifazane