UMQEQESHI weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, imhlaba umxhwele indlela abasakhombise ngayo ukuzinikela abanye abadlali abasebancane abasanikwe ithuba kule sizini phezu kokuba iqembu lisadonsa kanzima.
UGabriel osabambe izintambo zokuqeqesha kwiRichards Bay, usho kanjena nje omunye wabadlali abasebancane, uLindokuhle “Sphuzo” Zikhali, nguyena oshayele leli qembu igoli lokunqoba liguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni wabakhaya baKwaZulu-Natal ngoMgqibelo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Nakuba lo mphumela ungenzanga mehluko otheni empini yeRichards Bay yokulwa nokusuka endaweni yezembe njengoba isuke endaweni ka-16 yaxaxambela kweka-15, kodwa ikhombise izimpawu zokuba yiqembu elingcono muva nje.
“Abadlali abasebancane basikhombisile ukuthi bengakwazi ukuyibamba kulesi sigaba, futhi uma singaqhubeka nokukholelwa kubona sibanike ithuba isonto nesonto, kukhona abazosenzela kona,” kusho uGabriel.
“Sizolokhu sibafaka nje kancane, kancane baze bajwayele. Sibahlanganise nabanye ozakwabo abanamava ukuze baqine ukhakhayi kulesi sigaba sePremiership, okuyisigaba esingelula neze.
UZikhali ngihlabeke umxhwele ngaye, ukhombisile ukuthi lokhu akwenza eqenjini elincane le-DDC angakwenza naseqenjini elikhulu.”
Yize engakufihli ukuwathokozela amaphuzu amathathu abawathole ngempelasonto kwi-Arrows kodwa uGabriel ukuqonda kahle ukuthi usemkhulu umsebenzi osahlalele ezakhe.
“Ngeke nangephutha sizikhohlise ngokuzitshela ukuthi sesiphumile emlonyeni wengwenya, cha. Siyazi ukuthi sisahlalelwe wumsebenzi omningi.”
IRichards Bay isalelwe wumdlalo owodwa ngaphambi kokusonga unyaka. Izogadulisana neMamelodi Sundowns ngoDisemba 28, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Izowuvula neMarumo Gallants ngoJanuwari 4 ekuhambeni.
“Siyazi ukuthi iSundowns iyiqembu okungelula neze ukubhekana nalo kodwa iqiniso wukuthi siyawadinga amaphuzu ngisho nakuyona.
Sizowulungiselela umdlalo wethu nayo yize sizowudlala ngemuva kukaKhisimusi. Ngakho-ke nabo abadlali bethu bayakwazi ukubaluleka kokuzithiba ngamaholidi kaKhisimusi ukuze kufike usuku lomdlalo wethu neSundowns besesimeni esikahle.”
Ngaphandle kukaZikhali (19) okhushulelwe esikimini esikhulu seNatal Rich Boyz kule sizini, abanye abadlali abadlali abasebancane abasakhombise izimpawu zokuvuthwa, nguThabiso Ndelu (19) noNtlonelo Bomelo (19), nabo abakhushulelwe esikimini esikhulu kule sizini.