Baroka FC (0)0
Richards Bay FC (0)0
IRICHARDS Bay FC izandisele umsebenzi ibambana neBaroka emdlalweni wePSL Promotion Play-Offs eGlobal Stadium, eLebowagomo, eLimpopo, ngoMgqibelo ntambama.
IBay elwela ukubuyela kwiDStv Premiership kulandela ukuqeda endaweni ka-15 kwi-log, ihlulekile ukubuya namaphuzu amathathu kwiBaroka ekuhambeni.
Ngokuthola iphuzu, uBay isihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu amane emidlalweni emibili. Idedele ithuba lokuvula igebe ukuze izosusa ingcindezi kuyona kwazise womabili amaqembu iBaroka neTuks asengayifica ngamaphuzu. Amaphuzu amathathu abezokwenza idinge ukuzishayela i-University of Pretoria ukuze ibuyele kwiDStv Premiership. Ngasohlangothini lweBaroka, iphuzu libuyise amathemba okunyukela kwiPremiership nakuba ingakawini nowokubika umdlalo kumaPlay-Offs.
Kulo mdlalo bekubhekene abaqeqeshi uVusumuzi Vilakazi noMorgan Mammila abasebenze ndawonye kwiChippa United ezinyangeni ezedlule. UMamilla ubehlezi okokuqala ebhentshini leBaroka kulandela ukumiswa komqeqeshi uDan Malesela ngemuva komdlalo wokuqala abahlulwe kuwona yi-University of Pretoria.
Emdlalweni wokuqala wamaPlay-Offs, iBay ihlule iTuks ngo 1-0 ngesonto eledlule. Lokhu kuyenze yalingana ngamaphuzu amathathu naleli qembu.
Enkundleni namuhla, umdlalo uqale womabili amaqembu ehlaselana kodwa lingekho elakha amathuba asobala okushaya amagoli. Ngokuhamba kwesikhathi iBay ikhombise ukuba namandla, isiwulawula umdlalo kodwa yehlulwa wudonga lwasemuva kweBaroka obelwakhiwe nguMatome Mathiane owayedlala kwiLamontville Golden Arrows noLehlohonolo Nonyane owayengukaputeni weMarumo Gallants eyadliwa yizembe kwiPremiership kumasizini amabili adlule.
Esiwombeni sesibili, iBaroka ibuye nomfutho, yafaka ingcindezi kwiBay. Nokho ayikho iminyakazo ebikhathaza udonga lwasemuva lweNatal Rich Boyz. IBay izamile ukwenza izinguquko ngenhloso yokuthola igoli lokuwina umdlalo kodwa lokho kwagcina kungathelanga izithelo.
Imidlalo yamaPlay-Offs izoqhubeka ngoLwesithathu uma iBaroka isiyamukela iTuks eGlobal Stadium ngo-3 ntambama.
Emdlalweni olandelayo, iBay izovakashela i-University of Pretoria eTuks Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.