Ukubuya kwemidlalo yeligi yasekhaya, iDStv Premiership, ezinsukwini ezingaphansi kwezingu-10 ezizayo kuzofika nenselelo eqenjini elizihola phambili, iMamelodi Sundowns.
Ukungena kweqembu lesizwe, iBafana Bafana kowandulela owamanqamu kuchaza ukuthi iqembu lakuleli lisazozinza e-Ivory Coast kuze kube sekugcineni.
Uma liyinqoba iNigeria ngoLwesithathu lizongena kowamanqamu, ozodlalwa ngeSonto, kanti uma likhala ngaphansi lisazodlala kowokubanga indawo yesithathu ehambisana nezindondo zethusi ngoMgqibelo.
Nakuba lokhu kuyizindaba ezinhle kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika kodwa kuphinde kuchaze ukuthi amaBrazilians azoqhubeka namalungiselelo emidlalo yeligi ngaphandle kwabadlali bawo abangu-10 abaseqenjini likaHugo Broos.
Laba akubona abadlali nje kodwa ngabadlali abawumgogodla eqenjini likaRhulani Mokwena futhi abafike benza okufanayo nakwiBafana Bafana.
Kusukela emuva kunozinti uRonwen Williams, izitobha uKhuliso Mudau, Mothobi Mvala, Grant Kekana, Aubrey Modiba, abasesiswini uTeboho Mokoena, Themba Zwane noThapelo Morena, bonke bajwayele ukuyiqala imidlalo.
Ngaphambi kokuthi imidlalo yeligi imiswe ngenxa ye-Afcon, amaSandawana abesevele edlale imidlalo engu-30 emiqhudelwaneni ehlukene, okucishe kulingane nemidlalo amanye amaqembu akuleli ayidlalayo isizini yonke.
Kucace bha ukuthi abadlali baleli qembu bese bekhombisa ukukhathala, kwaze kwafakazelwa yimiphumela emibili yokugcina ngoDisemba lapho bebambane khona ngo 0-0 neCape Town City, benza okufanayo bebhekene nePolokwane City.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 14 iyobhekana neLamontville Golden Arrows koweligi eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Akulindelekile ukuthi abadlali abakwiBafana bawulungele lowo mdlalo futhi kusengenzeka bangawudlali nolandelayo lapho bezodudulana khona ne-Orlando Pirates ngoFebhuwari 17 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Kubukeka sengathi lisheshe layiqaphela ingozi leli qembu lasePitoli njengoba lilisebenzisile iwindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali, lasayinisa abane.
Liziqinise ngesitobha ebesigijima kwiChippa United, uZuko Mdunyelwa, nabahlaselayo uMatias Esquivel oqhamuka kwiClub Atletico Lanus yase-Argentina, uThembinkosi Lorch osuka kwi-Orlando Pirates noTashreeq Matthews ophuma eqenjini laseSweden, iSirius.
Lisanenqwaba yabanye abadlali abebekhona abangazivala izikhala zalaba abazobe bebuya kwi-Afcon.
Ezintini lingabheka uDenis Onyango noReeyad Pieterse, emuva livale ngabadlali abafana noMosa Lebusa, Rivaldo Coetzee, Abdelmounaim Boutouil nabanye.
Esiswini basekhona abadlali abayingozi njengoBongani Zungu, Marcelo Allende, Gaston Sirino, Junior Mendieta, Lucas Ribeiro, Sipho Mbule nabanye abaningi.
Umgadli walo ovelele, uPeter Shalulile, kulindeleke ukuthi abe yingxenye yezinhlelo zeqembu zibekwa kwazise izwe lakhe, iNamibia, lisheshe lakhishwa esigabeni samaqoqo kwi-Afcon.
ISundowns iqhwakele kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-38 emidlalweni engu-14. Ilandelwa yiCape Town Spurs neSuperSport United, abanamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-16.