INHLANGANO eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika, iBoxing South Africa (BSA), isithembele kwabomthetho ngokubanjwa kwababulale isikhulu sayo, uKenneth Mamosadi, ngesonto eledlule.
UMamosadi, obeyiChief Financial Officer (CFO), udutshulwe ngasemzini wakhe ePretoria West ngoLwesihlanu, kwathathwa umakhalekhukhwini wakhe.
Esitatimendeni esikhishwe yiBSA, iveze ukuthi uMamosadi ubezimisela emsebenzini wakhe.
“UKenneth ubeyinsika, aziwa ngokuzithoba nokuzinikela kwakhe emdlalweni wesibhakela. Ukubulawa kwakhe ngesihluku okungenamqondo kusishiye sonke sishaqekile futhi sikhala. Sinxusa abezomthetho ukuthi basheshe babambe abenzi bokubi. Umndeni unxusa iSouth African Police Service nohulumeni ukuthi benze ngakho konke ophenyweni ukuze kutholakale inhloso yodlame olungenamqondo. IBoxing South Africa ithumela amazwi enduduzo emndenini kaMamosadi, abangani, ozakwabo nabo bonke abathintwe wumusa kaKenneth,” kusho isitatimende.
Kubulawa uMamosadi nje, esibhakeleni saseMzansi kunomdonsiswano phakathi kohlaka lophromotha lukazwelonke, iNational Professional Boxing Promoters Association (NPBPA), noNgqongqoshe wezeMidlalo, uZizi Kodwa. Umdonsiswano uqale emuva kokuthi uKodwa eqoke ibhodi entsha yeBSA emuva kokuphela kwesikhathi selidala. INPBPA, eholwa ngu-Ayanda Matiti, ikhale ngokuthi uKodwa wephule umthetho ngokungaxhumani nalo ngaphambi kokuqoka ibhodi entsha. Udaba lusenkantolo. Ngenxa yalokhu, abeNPBPA bafuna zingaqhubeki izimpi kuze kutholakale isixazululo.