UZOTHENGA ingqovungqovu yemoto uLindelani Dube ngesamba aklonyeliswe ngaso ngokudla umhlanganiso emjahweni omkhulu weDundee July obungempelasonto edlule.
Le nsizwa yaseMpumalanga, ebigibele ihhashi, u-Alpha & Omega ishaye intambo maqede yaklonyeliswa ngesamba sika-R300 000.
UDube uveze ukuthi ukungenziwa imfivilithi kulo mjaho kumsize kakhulu.
Udalule ukuthi ngesamba asinqobile uzothenga ingqovungqovu yemoto ezodonsa inqola elayisha u-Alpha & Omega.
“Impela sisazobaqeda abantu sino-Alpha & Omega. Ubudlelwano bethu bukwelinye izinga manje. Mhlawumbe yingoba sihlala sindawonye,” kusho uDube, obechichima injabulo..
“Ukukutshela iqiniso benginakho ukuthi ngizoyishaya intambo. Yingoba iningi lala mahhashi nojokhi bawo sengiqhudelane nabo isikhathi eside.
“Bengizwa nje abantu bethi kuzonqoba uNxakanxaka. Le moto engizoyithenga ngeyethu sobabili no-Alpha & Omega.
“Ngizomthengela nezinto zokugqoka zikanokusho. Ngifuna lapho ehamba khona kucace ukuthi uyingqwele.”
Uveze nokuthi ngoMgqibelo ulibhekisa komunye umjaho eKing Cetshwayo. Uthe nakhona uzimisele ngokunqoba.
Ngaphambi komjaho waseDundee, iningi belithi umhlanganiso uzophinde unqotshwe yihhashi uNxakanxaka.
Nokho akalibonanga elidlalayo njengoba egcine engena endaweni yesihlanu.
NoTrouble Maker obebhekwe ngabomvu uhlulekile njengoba eqede kweyesithathu.
Sisekuzo ezithinta lo mjaho, emjahweni omkhulu wabesifazane kukhonye uNokubonga Gamede waseMondlo, esifundeni iZululand.
Ukhale wemuka nesamba sika-R100 000. Kusukela ngo-2015 kusungulwe lo mjaho uNokubonga obegibele uNkinga ulokhu ebashaye bonke emakhanda.
Omunye umjaho ohehe amehlo abaningi ngowamantombazane aneminyaka engaphansi kuka-12. Umhlanganiso udliwe nguSibahle Mbokazi wakwaSomkhele, esifundeni uMkhanyakude.
Ususe esicongweni u-Anotha Buthelezi waseDundee obesekhonye isikhathi eside kulo mjaho.
USibongiseni Buthelezi ongumakhelwane kaSibahle nobuye abe ngumnikazi wehhashi, uncome lo jokhi ngokuba nesibindi.
“USibahle uziqeqeshe izinyanga ezine nehhashi lakhe. Ngimbone zisuka ukuthi ubizelwe kulo mdlalo. Uma ezoqhubeka nokuzimisela kanje uzobanjwa kude kulo mdlalo,” kusho uButhelezi.
“Bheka nje, bekungokokuqala engenela iDundee July. Bengithukile, izingane eziningi ziwile emzileni obekugijinywa kuwo,”
USibahle uthe ngemali ayinqobile uzosiza unina nezingane zakubo ngezinto zesikole.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba ehlule u-Anotha, uthe:
“Ubengeke angihlule u-Anotha. Ngizwana kakhulu nehhashi lami. Endleleni bengilithethisa kuphela, ngize ngalishaya sesibheke esiphethweni somjaho.”